1KWA ti ngosuku lwesitatu kwa ba kona umtimba eKana la seGalile; wa e kona unina ka Jesu.
2Kwa menywa uJesu nabafundi bake ukuza emtimbeni.
3Se li swelekile iwaini, unina ka Jesu wa ti kuye, Ka ba nalo iwaini.
4uJesu wa ti kuye, Mame, ku ini kimi nawe na? isikati sami a si ka fiki.
5Unina wa ti ezincekwini, Yenzani loku a za ku ni tyela kona.
6Kwa ku kona izimbiza zamatye, zi isitupa, zi mi kona ngomkuba wokuhlambulula kwabaJuda, ezanela izilinganiso ezimbili, nokuba zintatu, ngazinye.
7uJesu wa ti kuzo, Gcwalisani izimbiza ngamanzi. Za zi gcwalisa za ti ciki.
8Wa ti kuzo, Yikani kaloku, ni yise enkosini yokudhla. Za yisa.
9Inkosi yokudhla, se i zwile amanzi e be enziwe iwaini (ya i nga lazi lapa li vela kona, kepa izinceku e be zikile amanzi be zi lazi), inkosi yokudhla ya biza umyeni,
10Ya ti kuye, Abantu bonke ba beka iwaini elimnandi kuqala, ku ti lapa se ku puziwe kakulu, ba beka elibi, kodwa wena u gcinile iwaini elimnandi ku ze ku be manje.
11Lesisibonakaliso sokuqala uJesu wa senza eKana la seGalile, wa bonakalisa ubukosi bake; abafundi bake ba kolwa uye.
12Ngasemva kwaloko wehlela eKapernaume, yena nonina nabafo wabo nabafundi bake; ba hlala kona izinsuku zi nge ziningi.
13Kwa ku seduze ipasika labaJuda; uJesu wa kupukela eJerusalema.
14Wa fumana etempelini aba be tengisa ngezinkomo nezimvu namajuba, nabatyentyisa imali be kona.
15Wenza inkalivasi ngezintambo, wa ba kipa bonke etempelini, nezimvu nezinkomo; wa cita imali yabatyentyisayo, wa gumbuqela amatebula.
16Wa ti kwabatengisa ngamajuba, Susani lapa lezizinto; ni nga yenzi indhlu ka Baba i be indhlu yokutenga.
17Abafundi bake ba kumbula ukuba ku lotyiwe ukuti, Ngi dhliwe ukukutalela indhlu yako.
18Ba pendula abaJuda, ba ti kuye, U si bonisa isibonakaliso sini sokuti wenza loku na?
19uJesu wa pendula wa ti kubo, citani lelitempeli, ngo buya ngi li vuse ngezinsuku ezintatu.
20Ba ti abaJuda, Lelitempeli lakiwa ngeminyaka emashumi amane nesitupa, kepa wena wo li vusa ngezinsuku ezintatu na?
21Kodwa wa kuluma ngetempeli lomzimba wake.
22Se e vukile kwabafileyo, abafundi bake ba kumbula ukuba e be tyilo loku; ba kolwa incwadi nezwi a be li tyilo uJesu.
23Msukwana e seJerusalema emhlanganweni wepasika, abaningi ba kolwa igama lake, be bone izibonakaliso zake a zenzayo.
24Kodwa uJesu ka zinikelanga kubo, ngokuba e bazi bonke,
25Wa e nga dingi ukuba ku qiniswe muntu ngomuntu; wa e kwazi yena oku sebantwini.