1NGALOKU, mina engi isibotywa ngeNkosi, ngi ya ni ncenga ukuba ni hambe ngokufanele ukubizwa ena bizwa ngako,
2Ni be nokutobeka konke, nobunene, ni be nokubeka kade, ni bekezelane ngotando;
3Ni kutale ukugcina ukuhlangana oku ngoMoya ngesibopo sokutula.
4Ku kona umzimba munye noMoya munye, njengokuba nani ni bizelwe etembeni linye lokubizwa kwenu;
5iNkosi inye, nokukolwa kunye, nokubapatizwa kunye;
6uTixo munye, uYise wabo bonke, o pezu kwabo bonke, o kubo bonke, o pakati kwenu nonke.
7Kepa ilowo wa kiti u piwe umusa njengokulinganiswa kokupa kuka Kristu.
8Ngako ku tyiwo, E senyukele pezulu, wa tumba abatunjiweyo, wa babela abantu.
9Kepa loku ukuti, wenyuka, ku tini na? uma ku nge siko ukuti, wa ke wehlela pansi emhlabeni?
10Owehlayo uyena owenyukela pezu kwamazulu onke, ukuze a gcwalise konke.
11Abanye wa benza abapostoli, nabanye abaprofeti, nabanye abevangeli, nabanye abalusi nabafundisi;
12Ukuze ba pelele abangcwele, ngomsebenzi wokukonza, ngokwakiwa komzimba ka Kristu;
13Si ze si hlangane sonke ngokukolwa na ngokuyazi iNdodana ka Tixo, emuntwini opeleleyo esilinganisweni sobukulu obupeleleyo buka Kristu;
14Ukuze si nga bi si sa ba izingane, si shukunyiswa, si zuliswa imimoya yonke yokufundisa, ngobuqili babantu, ngokuhlakanipa ku be icebo lenkohliso;
15Kodwa si shumayela iqiniso ngotando si kulele kuye ngako konke, kuyena o inhloko uKristu;
16Oku ngaye umzimba wonke, u hlangene, u namatele ngamalungu onke a elekeleneyo ngomsebenzi ezi linganiselwa wona izindawo zonke, u kule wona umzimba u ze wakiwe wona otandweni.
17Ngi tyo loku, ngi qinisa eNkosini ngi ti, ni nga be ni sa hamba ngokwabanye bezizwe ebuzeni bezinhliziyo zabo,
18Be mnyama ngokungaqondi, bedukile ekuhambeni kuka Tixo ngokungazi kwabo, ngobulukuni bezinhliziyo zabo;
19Be nge nakuzwa, ba zinikele ezinkanukweni ukwenza amanyala onke ngokunxanela.
20Kepa nina a ni m fundanga uKristu kanjalo;
21Uma pela ni m zwile, na fundiswa uye, njengokuba iqiniso li kuJesu;
22Ukuba nambule umuntu omdala wokuhamba okudhlulileyo, owonakele ngokunqwenela kwenkohliso;
23Ni be abatya ngomoya wokuqonda kwenu;
24Nambate umuntu omutya, owenziwe a m fuze uTixo ngokulunga na ngobungcwele besiminya.
25Ngako yekani okwamanga a ku be ilowo wa kini a kulume iqiniso nowakelene naye; loku si ngamalungu elekeleneyo.
26Tukutelani, ni ngoni; li nga tyoni ilanga nolaka lwenu;
27Ni nga m niki uSatani indawo.
28Owebayo ka nga be e seba; kodwa a suke a kutale; e sebenza okulungileyo ngezandhla zake, ukuba a be nokumupa oswelayo.
29A ku nga pumi emlonyeni wenu izwi elingcolileyo nalinye, kodwa a ku be ilelo eli lungele ukwaka okufaneleyo ukuba li veze umusa kubo abezwayo.
30Ni nga m dabukisi uMoya o ingcwele ka Tixo, ena bekwa upau ngaye, ku ze ku be usuku lokukululwa.
31A ku kitywe kini konke okubabayo, nolaka, nokutukutela nomsindo, nokutuka, kanye namagqubu onke;
32Ni be mnene omunye komunye, ni haukelane, ni tetelelane njengokuba no Tixo wa ni tetelela ngaye uKristu.