1NGAKO, mina Paule, isibotywa sika Kristu Jesu ngenxa yenu, nina bezizwe;
2Uma se ni zwile ngokuhlelwa komusa ka Tixo engi u piweyo ngani;
3Ukuti ngokwambula wa ngazisa imfihlo, njengaloko nga ke nga loba incozana.
4Nga loko, nxa ni funda, ni nga bona ukuqonda kwami emfihlweni ka Kristu,
5E bi nga kaziwa abantwana babantu kwezinye izizukulwane, njengaloku se yambulwa manje kubapostoli abangcwele na kubaprofeti, ngoMoya;
6Yokuti, abezizwe ba ya kwabelwa ifa nati, ba be umzimba munye nati, ba hlanganyele isitembiso sake, kuye uKristu, ngevangeli;
7E ngenziwe isikonzi salo ngesipiwo somusa ka Tixo, engi u piwe ngokusebenzisisa kwamandhla ake.
8Mina, engi mncinyane kakulu kubo bonke abangcwele, ngi piwe lomusa, wokuba ngi shumayele kwabezizwe umcebo ka Kristu o nge nakwaziwa;
9Ngi ba bonise abantu bonke ukuba ku ini ukuhlelwa kwemfihlo e bi fihliwe ngasendulo kuTixo, owenza izinto zonke:
10Ukuze ababusi namakosi a sezulwini aziswe ngebandhla ukuhlakanipa okupindapindiweyo kuka Tixo,
11Ngokwecebo lake la pakade, a lenzayo ngoKristu Jesu iNkosi yetu.
12Esi nesibindi ngaye nokusondela ngokwetemba ngokukolwa kuye.
13Ngako ngi ya ncenga ukuba ni nga pelamandhla ngokuhlupeka kwami ngenxa yenu, oku udumo lwenu.
14Ngako loku ngi guqa ngamadolo kuYise weNkosi yetu uJesu Kristu,
15Oku bizwa ngegama lake indhlu yonke ya sezulwini na semhlabeni,
16Ukuze a ni pe ngomcebo wobukosi bake ukuqiniseka ngamandhla ngoMoya wake enhliziyweni;
17Ukuze uKristu a hlale ezinhliziyweni zenu ngokukolwa; ukuze, loku ni gxilile ni sekelwe otandweni.
18Ni be nokuzwisisa kanye nabangcwele bonke oku ububanzi, nobude, nokujula, nokupakama;
19Nazi utando luka Kristu olu dhlula ukwazi; ukuze ni pelele ku ze ku be ukupelela konke kuka Tixo.
20Kuyena o namandhla okwenza okukulu kakulu ku nako konke esi ku celayo nesi ku zindhlayo, ngokwamandhla a sebenzayo kitina,
21A ku be kuye ubukosi enhlangaweni ngoKristu Jesu ezizukulwaneni, na nini na nini. Ameni.