1NGAKO m lingiseni uTixo njengabantwana abatandwayo;
2Ni hambe ngokutanda njengokuba uKristu wa si tanda, wa zinikela ngenxa yetu, a be umnikelo nomhlatyelo ka Tixo, a be ipunga elimnandi.
3Kodwa ubufebe, namanyala onke, nokunxanela a ku nga kulunywa nakanye pakati kwenu, njengokufanele abangcwele;
4Nensila, nokukulumize, nokulaula, oku nga fanele; a ku be ukubonga kodwa.
5Ngokuba ni ya kwazi loku, ukuti, a ku ko o isifebe, nongcolileyo, nofisayo o konza izitombe, o ya kulidhla ifa embusweni ka Kristu noTixo.
6Ni nga kohliswa muntu ngamazwi a ize, ngokuba nga lezozinto ulaka luka Tixo lwehlela ebantwaneni abangalaleliyo.
7Ngako ni nga hlangani nabo.
8Kade be ni ubumnyama, kepa kaloku ni ukukanya eNkosini; hambisani okwabantwana abakanyisiweyo;
9(Ngokuba izitelo zika Moya zi ubuhle bonke, nokulunga, neqiniso lonke;)
10Ni qinise okutandekayo eNkosini
11Ni nga hlanganyeli nabantu imisebenzi yobumnyama, e nge nazitelo, kepa ni i dalule.
12Ngokuba ku amahloni nokukuluma nga lezozinto ezenziwa ibo esita.
13Kepa konke oku dalulwayo ku bonakaliswa ukukanya; ngokuba konke okubonakalisayo ku ukukanya.
14Ngako ku tyiwo ukuti, Papama, wena oleleyo, vuka kwabafileyo, uKristu u ya kukukanyisa.
15Bhekani, ni hambe ngokuqonda, ni nga hambi njengeziula, kepa njengabahlakanipileyo,
16Ni tengisise isikati, ngokuba izinsuku zimbi.
17Ngakoke a ni nga bi iziula ni be abakuqondayo, oku intando yeNkosi.
18Ni nga dakwa iwaini, li banga umsindo; kepa a ni gcwaliswe uMoya;
19Ni vumelane ngezihlabelelo, namahubo, namagama omoya, ni hlabelele, ni vume ezinhliziyweni zenu eNkosini,
20Ni bonge izinto zonke ngezikati zonke kuTixo uYise, ngegama leNkosi uJesu Kristu;
21Ni zihlele, omunye pansi komunye, ngokumesaba uTixo.
22Bafazi, zihleleni pansi kwamadoda enu, kungati pansi kweNkosi.
23Ngokuba indoda i inhloko yomfazi, njengokuba uKristu u inhloko yeba ndhla; yena u umSindisi womzimba.
24Kepa njengokuba ibandhla li zihlela pansi kuka Kristu, ku njalo nabafazi a ba zihlele pansi kwamadoda abo ezintweni zonke.
25Madoda, tandani omkenu, njengokuba uKristu wa li tanda ibandhla, wa zinikela lona;
26Ukuba a li hlambulule, a li hlanze ngokuligeza emanzini ngalo iziwi,
27Ukuba a zivezele lona li ibandhla lobukosi, li nge nabala, li nge nambimbi, li nge nanto enjalo; li be ngcwele li nge nacala.
28Amadoda nga e ba tanda omkawo njengemizimba yawo. O tanda umkake u ya zitanda.
29A ku ko muntu o ke wa zonda inyama yake; u ya yondhla, a i pate kahle; njengeNkosi yenzela ibandhla:
30Si ngamalungu omzimba wayo, si ngokwenyama yayo, si ngokwamatambo ayo.
31Ngaloko umuntu u ya kushiya uyise nonina, a bambelele kumkake, ba be inyamanye bobabili.
32Loku ku imfihlakalo enkulu: kepa ngi ya kuluma ngoKristu nebandhla.
33A ku be ilowo wa kini a tande umkake njengokuba e zitanda; a ti umfazi a hlonipe indoda yake.