1NGOKUBA si yazi, uma indhlu yetu ya komhlaba e idokodo i citekile, si nayo eyakiweyo uTixo; indhlu e ngenziwanga ngezandhla, e pakade, e sezulwini.
2Ngokuba kule si ya bubula, si langazela ukwambata indhlu yetu ya sezulwini;
3Loku si ya kufungyanwa sambete, si ngezi.
4Ngokuba tina esi kona edokodweni si ya bubula, si cindezelwa; kepa ngaloku a si tandi ukwambula, si tanda ukwambata, ukuba ukufa ku minzwe ukupila.
5O wa senzela kona loko u nguTixo, o si pile isibambiso sika Moya.
6Ngaloko si mi isibindi njalo, sazi ukuti nxa si kona emzimbeni, si nge ko eNkosini;
7(Ngokuba si hamba ngokukolwa; a si hambi ngokubona.)
8Yebo, si mi isibindi, si ti kuhle si nga hlali emzimbeni, kuhle si ye si hlale eNkosini.
9Ngalokoke si ya zama, ukuba si koleke kuyo, noma si kona, noma si ngeko.
10Ngokuba tina sonke so bonakala pambi kwesihlalo sokwahlula sika Kristu, ukuba ilowo a kwamkele oku ngomzimba wake, njenga loko a kwenzileyo, noma kuhle, noma kubi.
11Ngako, loku sazi ukwesabeka kweNkosi, si ya ncenga abantu; kepa si sobala kuTixo; ngi ya temba ukuti si sobala na sezinhliziyweni zenu.
12Ngokuba a si buyi si zincome kinina; kodwa si ni nika ituba lokubonga ngati, ukuba ni be nokupendula kwababongayo ngokubonakalayo, be nga bongi ngenhliziyo.
13Ngokuba noma si hlanya, ku ngenxa ka Tixo; noma si qondile, ku ngenxa yenu.
14Ngokuba ukutanda kuka Kristu ku ya si qubezela; si qonda loku si ti, uma e munye wa fela bonke, kona bonke ba be file;
15Wa fela bonke, ukuba abahlalayo ba nga zihlaleli, ba hlalele owa fa ngabo, wa buya wa vuka.
16Njalo a si sa yi ku m azi umuntu ngokwenyama; noma sa ke sa m azi uKristu ngokwenyama, kepa kaloku a si sa yi kumazi.
17Njalo uma umuntu e kuKristu, u ngumuntu omutya; okwakuqala ku dhlulile; bheka, konke, kwenziwe kutya.
18Konke ku vela kuTixo, owa buyisana nati ngoJesu Kristu, wa si nika inkonzo yokubuyisana;
19Ku ngukuti uTixo ngaye uKristu u buyisana nezwe, e nga ba baleli izipambuko zabo; e beka kitina izwi lokubuyisana;
20Njalo si ngabatunywa, ngoKristu, ku nga ti uTixo e ni ncenga ngati; si ni nxusa ngaye uKristu, buyisanani noTixo.
21Ngokuba, ongakwaziyo ukona, wa m enza ukona ngati, ukuba tina senziwe ngaye ukulunga kuka Tixo.