1NGAKO, loku si na lenkonzo, njengomusa esi u piweyo, a si dangali;
2Kepa si lahlile imfihlo yezinhloni; si nga hambi ngobuqili, si nga pati izwi lika Tixo ngenkohliso; kepa ngokubonakalisa iqiniso si zincoma ezinhliziyweni zabantu bonke pambi kuka Tixo.
3Kepa uma ivangeli letu li fihlekile, li fihlekile kwabalahlekileyo;
4Izinhliziyo zabangakolwayo kubona, utixo wa lelizwe u zi pumputekise, ukuba ba nga kanyiswa ukukanya kwevangeli elikazimulayo lika Kristu, o ngumfanekiso ka Tixo.
5Ngokuba a si zishumayeli tina, zi shumayela uJesu Kristu, iNkosi, tina si ngabanikonzayo ngoJesu.
6Ngokuba u nguTixo owa tyo ukuba ukukanya ku kanye ebumnyameni, owa kanya ezinhliziyweni zetu, ukuze a si pe ukukanya kokwazi ubukosi buka Tixo ebusweni buka Jesu Kristu.
7Kodwa si nayo lemfuyo ezityeni zebumba ukuba ubukulu bamandhla bu be obuka Tixo, bu nga bi obetu.
8Si ya hlupeka indawo zonke, kodwa a si jiyezekile; si ya dinga uma senze njani, kodwa a si pela mandhla;
9Si ya zingelwa, kodwa a si deliwe; si wiswa pansi, kodwa a si bujisiwe;
10Si ku twele njalonjalo emzimbeni wetu ukufa kuka Jesu ukuba nokupila kuka Jesu ku bonakaliswe emzimbeni wetu.
11Ngokuba tina esipilayo si nikelwa ekufeni futifuti ngenxa ka Jesu ukuba ukupila kuka Jesu ku bonakaliswe emzimbeni wetu ofayo.
12Ku njalo ukufa ku sebenza kitina, kepa kinina ukupila.
13Loku si nawo lomoya wokutemba, njengokulotyiweyo ukuti, Nga temba, ngaloko nga shumayela; nati si ya temba, ngako si ya shumayela;
14Sazi ukuti yena owa vusa iNkosi uJesu, u ya kusivusa nati ngaye uJesu a si veze kanye nani.
15Ngokuba konke ku ya ngenxa yenu, ukuze umusa ovamileyo ngabaningi u xumelele ubukosi buka Tixo.
16Ngaloko a si pela mandhla; kodwa, noma ku buba ubuntu betu obungapandhle, obungapakati benziwa butya imihla ngemihla.
17Ngokuba ukuhlupeka kwetu okululana, okwa kaloku nje, ku ya si sebenzela ubukosi obupakade obukulu kakulu kakulu;
18A si ku bheki okubonwayo, si bheka okungabonwayo; ngokuba okubonwayo ku ngokwamanje; kepa okungabonwayo ku ngokwapakade.