1LOKU si sebenza kanye naye, si ni ncenga, ukuba ni nga wamkeleli umusa kaTixo ize.
2Ngokuba u ti, Ngi ku zwile ngesikati esihle; nga ku siza ngosuku lokusindiswa; bheka, kaloku se ku isikati esihle impela; bheka, kaloku se ku usuku lokusindiswa.
3Si nga cunuli muntu ngaluto, funa ukukonza ku solwe:
4Kepa ngako konke si zibonakalisa ngokufanele izikonzi zika Tixo, ngokubekezela okuningi, na ngokukatazeka, na ngosizi.
5Na ngokutyaywa, na ngokubotywa, na ngokuvukelwa, na ngemisebenzi, na ngokulinda, na ngokuzila ukudhla,
6Na ngobungcwele, na ngokwazi, na ngokubheka kade, na ngobunene, na ngoMoya o ingcwele, na ngotando olu nga zenzisiyo,
7Na ngezwi leqiniso, na ngamandhla ka Tixo, na ngezikali zokulunga ezokunene nezokohlo,
8Ngodumo na ngehlazo, ngokutukwa na ngokudunyiswa; ku nga ti si ngabakohlisayo, kepa si ngabeqiniso;
9Ku nga ti si ngabangaziwayo, kepa saziwa kakulu; ku nga ti si ngabafayo, kepa, bhekani, si kona; ku nga ti si tyaywa, kepa a si bulewe;
10Si njengabadabukileyo, kepa si sa tokoza njalo; si njengabampofu, kepa si cebisa abaningi; si njengaba nge naluto, kepa si nako konke.
11Umlomo wetu u vulekele kinina, ba seKorinte; inhliziyo yenu yanukile.
12A ni nyinyekile ngati, kodwa ni nyinyekile ngokwenhliziyo yenu.
13Ukukokela ngokunjalo, (ngi shumayela njenga kubantwana), a nanuke nani.
14Ma ni nga botyelwa ndawonye nabangakolwayo; ngokuba i kupi ukuhlangana kokulunga nokungalungi? i kupi ukuhlanganyela kokukanya nobumnyama na?
15I kupi ukuzwana kuka Kristu nokuka Beliali? ukupi ukwahlulelana kokolwayo nongakolwayo.
16I kupi ukuvumelana kwetempeli lika Tixo nezitombe? Ngokuba nina ni itempeli lika Tixo opilayo; njengokutyo kuka Tixo, ukuti, Ngi ya kuhlala kubo, ngi hambe pakati kwabo; ngi ya kuba uTixo wabo, ba be abantu bami.
17Ngakoke pumani kubo, nahlukane nabo, i tyo iNkosi i ti ni nga pati okungcolileyo; ngi ya kunamkela,
18Ngi be uYihlo wenu, ni be amadodana namadodakazi ami, i tyo iNkosi uSomandhla.