1SI buya si qale ukuzincoma na? Si ya dinga ini, njengabanye, izincwadi zokusibabaza kinina, nezincwadi zokusibabaza zi vela kinina?
2Nina ni incwadi yetu e lotyiwe ezinhliziyweni zetu, eyaziwa, i fundwa abantu bonke;
3Ni bonakaliswa ukuti, ni incwadi ka Kristu, e setyenzwa itina; e nga lotyiwe ngeinke, kodwa ngoMoya ka Tixo opilayo, e nga lotyiwe ezibhebheni zamatye, kodwa ezibhebheni zenyama yenhliziyo.
4Itemba eli njalo si nalo kuTixo ngaye uKristu;
5A ngi tyo si namandhla ukuqamba into ngokwetu, oku nga ti ku vela kitina; kodwa amandhla etu a vela kuTixo;
6O senzileyo si be namandhla okuba izikonzi zesivumelwano esitya; si nge sizo ezegama, kodwa ezomoya; ngokuba igama li ya bulala, kodwa umoya u ya pilisa.
7Kepa uma inkonzo yokufa, elotyiweyo ngamazwi ematyeni ya i nokukazimula okungaka, ukuba abantwana baka Israeli ba be nge nakubuka ubuso buka Mosi ngokukazimula kobuso bake, ukukazimula o be ku za kupela;
8Inkonzo yomoya a i yi kuba nokukazimula okukulu kakulu na?
9Ngokuba, uma inkonzo yokulahlwa i ukukazimula, kakulu inkonzo yokulunga i ya hlula ngokukazimula.
10Ngokuba loko okwa ku nokukazimula, kwa ku nge nakukazimula ngaloku, ngenxa yokukazimula okwahlulayo.
11Ngokuba uma loko o be ku za kupela, kwa ku nokukazimula, kakulu okuhlalayo ku nokukazimula.
12Njalo, loku si netemba elinje, si mi isibindi;
13A si njengoMosi owa gubuzela ubuso bake ngendwangu, ukuba abantwana baka Israeli ba nga bonisisi ukugcina kwa loko o be ku za kupela.
14Kodwa izinhliziyo zabo za zi butuntu; ngokuba indwangu yokugubuzela i sa hlezi na namhla nxa ku fundwayo isivumelwano esidala; kepa i pela kuKristu.
15Kodwa na namhla nxa uMosi e fundwa, indwangu yokugubuzela i sa hlezi pezu kwenhliziyo yabo.
16Kepa nxa be buyela eNkosini, indwangu i ya kususwa.
17iNkosi i nguye uMoya; na lapa u kona uMoya weNkosi, ku kona nokukululeka.
18Kepa tina sonke, ngobuso obungagutyuzelweyo si ku buka njenga sesibukweni ukukazimula kweNkosi, si ya penduka wona lomfanekiso, si vame, sande njalonjalo ukukazimula, ku nga ti ngoMoya weNkosi.