1Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli.
2Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi*; yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza.
3Elinye lamemeza kwelinye, lathi:
Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova-Sebawoti,
wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.
4Izinsika zomnyango zathuthumela ngezwi lomemezayo, indlu yagcwala umusi.
5Ngase ngithi: Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova-Sebawoti.
6Kepha landizela kimi elinye lamaserafi* liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathé ngodlawu ealtare,
7lathinta umlomo wami, lathi: Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.
8Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: Ngiyakuthuma-bani, ngubani oyakusiyela na? Ngase ngithi: Bheka, nangu mina; ngithume mina.
9Yathi: Hamba usho kulababantu ukuthi:
Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi;
bonani, bonani, kepha ningazi.
10Yenza inhliziyo yalababantu ukuba ikhuluphale,
nezindlebe zabo zibe-buthuntu,
ufiphaze amehlo abo,
funa babone ngamehlo abo,
bezwe ngezindlebe zabo,
baqonde ngenhliziyo yabo,
babuye, baphiliswe.
11Ngase ngithi:
Nkosi, koze kube-nini na?
Yathi: Kuze kuchithwe imizi,
kungabe kusaba-khona ohlala kuyo,
nezindlu zingabe zisaba-namuntu,
nomhlaba uchitheke ube-yize,
12uJehova aze adedisele kude abantu,
nencithakalo ibe-nkulu ezweni.
13Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo,
yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* neoki*
okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona;
inzalo engcwele iyisiqu sakho.