Isivini sikaJehova
1Mangihlabelele ngothandiweyo wami,
isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe.
Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;
2wasimba, wakhipha amatshe aso,
wasitshala ngomvini omuhle,
wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso,
waqopha isikhamo kuso,
wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,
kepha saveza izithelo zasendle.
3Manje nina enakhileyo eJerusalema
namadoda akwaJuda,
ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.
4Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na?
Kungani ukuba lapho ngithembé ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,
saveza izithelo zasendle, na?
5Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami:
ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe,
ngidilize ugange lwaso,
ukuze sinyathelwe.
6Ngiyakusenza sibe-yincithakalo;
asiyikuthenwa, asiyikulinywa,
kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva;
futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.
7Ngokuba isivini sikaJehova-Sebawoti siyindlu kaIsrayeli,
namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo;
wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela,
yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.
Amazwi okwahlulela okubi
8Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu,
besondeza insimu nensimu,
kuze kungabe kusaba-khona indawo,
kwakhe nina nodwa emhlabeni!
9UJehova-Sebawoti wathi ezindlebeni zami:
Impela izindlu eziningi ziyakuba-yincithakalo,
nezinkulu nezinhle zingabi-namuntu ohlala kuzo.
10Ngokuba amaeka* ayishumi esivini
ayakuthela ibhati* elilodwa,
nehomere* lembewu liyakuthela iefa* nje.
11Wo kubona abavuka ekuseni,
ukuze balandele uphuzo olunamandla,
balibale kuze kuhlwe, bashe iwayini!
12Ihabhu* nogubhu, isigubhu negenkle, newayini
kukhona emadilini abo,
kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova,
nezenzo zezandla zakhe abaziboni.
13Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi,
nabadumileyo babo bayalamba,
nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.
14Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo,
yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo;
kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo,
kanye nabajabulayo phakathi kwabo.
15Abantu bayafoliswa,
namadoda ayathotshiswa,
namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,
16kepha uJehova-Sebawoti uphakeme ekwahluleleni,
uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.
17Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo,
nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.
18Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga,
nezono kungathi ngamagoda ezinqola,
19abasho ukuthi: Makaphuthume, asheshise umsebenzi wakhe
ukuba siwubone,
kusondele isiluleko soNgcwele kaIsrayeli, sifike
ukuba sisazi!
20Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle,
nokuhle ukuthi kungububi,
ababeka ubumnyama bube-ngukukhanya,
nokukhanya kube-ngubumnyama,
babeke nokubabayo kube-ngubumtoti,
nobumtoti bube-ngokubabayo!
21Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abo
nabaqondile ekuboneni kwabo!
22Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayini
namadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,
23abathetha ababi ngenxa yemivuzo,
basuse ukulunga kwabalungileyo!
24Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi,
nezikhotha ezomileyo zizika elangabini,
impande yabo iyakuba-njengokubola,
nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu,
ngokuba balahlile umthetho kaJehova-Sebawoti,
balidelela izwi loNgcwele kaIsrayeli.
25Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe;
welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya;
izintaba ziyathuthumela,
nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini;
kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,
isandla sakhe siseluliwe.
26Uyakuphakamisela isizwe esikude ibhanela*,
asihlabele ikhwelo ekugcineni komhlaba;
bheka, uyeza masinyane ngejubane.
27Akakho oyakukhathala, akhubeke kuso;
akakho oyakozela, alale;
ibhande* lezinkalo zabo aliyikuthukuluka,
nomchilo wezicathulo zabo awuyikugqabuka,
28bona abamicibisholo yabo ibukhali,
nayo yonke iminsalo yabo insaliwe;
izinyawo zamahashi abo ziyakubalwa njengensengetsha,
namasondo abo njengesivunguvungu.
29Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi,
bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi,
yebo, bayakugwavuma, babambe impango yabo,
bamuke nayo, kungekho oyophulayo.
30Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolosuku
njengokuduma kolwandle;
uma umuntu ebuka umhlaba,
bheka, naso isigayegaye sobumnyama,
nokukhanya kwenziwe-mnyama ngamafu awo.