Isibonakaliso sikaImanuweli
1Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu kaUziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yaseAramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwaIsrayeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.
2Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: IAramu limisé kwaEfrayimi. Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.
3Kepha uJehova wathi kuIsaya: Mawuphume ukuhlangabeza uAhazi, wena noSheyari-Jashubi* indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi,
4usho kuye ukuthi: Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezizikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini neAramu nolwendodana kaRemaliya.
5Ngokuba iAramu noEfrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:
6Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,
7ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi:
Akuyikuma,
futhi akuyikwenzeka.
8Ngokuba inhloko yaseAramu iyiDamaseku,
nenhloko yeDamaseku inguResini;
phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu
uEfrayimi uyakwaphulwa angabe esaba-yisizwe.
9Inhloko yakwaEfrayimi iyiSamariya,
inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya.
Uma ningakholwa, impela aniyikuma.
10UJehova waqhubeka ukukhuluma kuAhazi, wathi:
11Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho, kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.
12Kepha uAhazi wathi: Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.
13Wayesethi: Ake uzwe wena-ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?
14Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi uImanuweli.
15Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.
16Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
17UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini uEfrayimi asuka ngalo kwaJuda-yinkosi yaseAsiriya.
18Kuyakuthi ngalolosuku uJehova ahlabele ikhwelo izimpukane ezingasekugcineni kwemifula yaseGibithe nezinyosi ezisezweni laseAsiriya.
19Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodini ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke.
20Ngalolosuku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula* — yinkosi yaseAsiriya — ikhanda noboya bezinyawo, futhi iyakuqeda nesilevu.
21Kuyakuthi ngalolosuku indoda yondle isithole nezimvu ezimbili,
22besekuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga, ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni.
23Kuyakuthi ngalolosuku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe-ngeyamakhakhasi nameva.
24Kuyakuyiwa khona nemicibisholo nomnsalo, ngokuba izwe lonke liyakubangamakhakhasi nameva.
25Ezintabeni zonke ezilinywa ngegeja akuyikuyiwa khona ngokwesaba amakhakhasi nameva, kepha ziyakuba-ngezokuqhubela izinkabi nezokunyathela kwezimvu.