INCWADI YESINE
AMah. 90 – 106
UNkulunkulu Ukhona Kuze Kube Phakade
Umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu
1Nkosi, Wena uyisiphephelo sethu
izizukulwane ngezizukulwane.
2Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali,
kusukela phakade kuze kube phakade,
Wena, Nkulunkulu, ukhona.
3Umuntu uyambuyisela othulini, uthi:
“Buyani, bantwana babantu.”
4Ngokuba emehlweni akho
inkulungwane yeminyaka
ingangosuku lwayizolo olwedlule,
imfushane ngangomlindo wasebusuku.
5Ubakhukhula njengesikhukhula;
banjengobuthongo, nanjengotshani obuhluma ekuseni.
6Ekuseni buyahluma, bukhahlele,
kusihlwa bubune, bunqunywe.
7Ngokuba siqedwa yintukuthelo yakho,
ulaka lwakho luyasithuthumelisa.
8Amacala ethu uwabeke phambi kwakho,
izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.
9Ngokuba izinsuku zethu zidlula phansi kwentukuthelo,
iminyaka yethu iphela ngokuphazima kweso.
10Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka
engamashumi ayisikhombisa,
kuthi uma ziziningi,
zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.
11Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho
nolaka lwakho olunjengokwesabeka kwakho na?
12Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu,
ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.
13Buya, Simakade!
Kuyoze kube nini na?
Hawukela izinceku zakho.
14Sisuthise ngomusa wakho ekuseni,
ukuze sithokoze,
sijabule izinsuku zethu zonke.
15Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo,
nangangeminyaka esabona okubi ngayo.
16Izenzo zakho mazibonakale
kuzo izinceku zakho,
nenkazimulo yakho, kubantwana bazo.
17Umusa weNkosi, uNkulunkulu wethu,
mawube phezu kwethu,
imisebenzi yezandla zethu ichume,
yisimamise imisebenzi yezandla zethu.