1NGA lomhla ko vulelwa ukona nokungcola umtombo kuyo indhlu ka Davida na kwabahleziyo ba seJerusalema.
2Ku ya kuti na nga lomhla, u tyo uJehova wamabandhla, ukuba ngo nquma amagama ezitombe ezweni, zona a zi sa yi ku kunjulwa; ngo dedisa nabazisi, nomoya abangcolileyo ezweni.
3Ku ya kuti, ukuba nxa umuntu e sazisa, uyise nonina a ba m zeleyo ba ti kuye, A u yi ku pila; ngokuba u ya kuluma amanga egameni lika Jehova; ko tike uyise nonina a ba m zeleyo ba m hlabe ekwaziseni kwake.
4Ku ya kutike nga lomhla, abazisi ba be namahloni ilomuntu ngesibonakalo sake, ekwaziseni kwake; a ba yi kwambata ingubo yoboya bona ukukohlisa.
5Kanti a ya kuti, A ngi siye umazisi mina, ngi ngumlimi womhlabati; ngokuba umuntu wa tenga ngami ebutyeni bami.
6Kepa umuntu u ya kuti kuye, Ku ini lamanxeba ezandhleni zako na? Yena u ya kuti, Iwo e nga limazwa ngawo endhlini yezihlobo zami.
7Vuka Nkemba nga kumalusi, na nga kumuntu e umgani wami, u tyo uJehova wamabandhla; tyaya umalusi, ko ti izimvu zi hlakazwe; ngo pendulela nezandhla zami pezu kwabancane.
8Ku ya kutike ezweni lonke, u tyo uJehova, ukuba izinxenye ezimbili pakati kwalo zi nqunywe zi qauke; kepa e yesitatu yo sala pakati kwalo.
9Ngo ngenisa e yesitatu emlilweni belu, ngi yi ncibilikise njengokuncibilikiswa kwesiliva, ngi yi linge njengokulingwa kwegolide: Yona yo biza ngegama lami, mina ngi ya ku yi zwa: Ngo ti, Abantu bami yona; Yona i za kuti, uJehova uTixo wami.