1OKUNZIMA kwezwi lika Jehova pezu kweJerusalema, u tyo uJehova o leneka izulu, e sekela umhlaba, e wenza umoya womuntu ngapakati kwake.
2Bheka mina ngi ya kwenza iJerusalema li be indebe yokututumelisa kubo bonke abantu abahaqayo, ku ya kuza na pezu kweJuda ekuvimbezelweni kweJerusalema.
3Ku ya kuti nga lomhla ngi beke iJerusalema li be itye lomtwalo kubantu bonke; bonke a ba li fukulayo ba za kucobozwa impela, nokuba bonke abantu bezwe ba hlanganiswe nga kulo.
4Nga lolosuku u tyo uJehova, Ngo tyaya ngokudumaza onke amahashi, nabakweli bawo ngohlanya; ngo ti ngi vule amehlo ami pezu kwendhlu ya seJuda, ngi tyaye onke amahashi abantu ngobumpumputi.
5Ko ti izikulu za seJuda zi ti ezinhliziyweni zazo, Abahleziyo ba seJerusalema ba ukuhlenga kwami nga ye uJehova wamabandhla uTixo wabo.
6Nga lolosuku ngi ya kubeka izikulu za seJuda njengesitya somlilo pakati kwenyanda; ko ti zi dhle bonke abantu abahaqayo ngesokunene na ngesokohlo: ko ti iJerusalema lakiwe futi enxiweni lalo, eJerusalema.
7uJehova wo sindisa namatente a seJuda kuqala, ukuze ukukazimula kwendhlu ka Davida, nokukazimula kwabahlezi eJerusalema ku ngabi kubi nga kuJuda.
8Nga lolosuku uJehova wo hlenga abahleziyo ba seJerusalema; ko ti odangeleyo pakati kwabo a be njengoDavida; nendhlu ka Davida njengoTixo, njengengelosi ka Jehova pambi kwabo.
9Ku ya kuti nga lomhla, ngi fune ukucita izizwe zonke e zi za pezu kweJerusalema.
10Ngo ti ngi tele pezu kwendhlu ka Davida, na pezu kwabahleziyo ba seJerusalema umoya wokuhaukela nokucelela; ba zo naka mina aba ngi gwazileyo, ba lilela yena, njengokulilela o yedwa, ba be nosizi njengonosizi pezu kwezibulo.
11Nga lolosuku ko ba kona ukulila okukulu eJerusalema, njengokulila kweHadadrimoni etafeni la seMegido.
12Ko ti izwe li lile, imindeni ngemindeni yodwa; umndeni wendhlu ka Davida wodwa nesifazana sawo sodwa; umndeni wendhlu ka Natani wodwa nesifazana sawo sodwa;
13Umndeni wendhlu ka Levi wodwa nesifazana sawo sodwa; umndeni wendhlu ka Shimei wodwa nesifazana sawo sodwa.
14Imindeni yonke eseleyo, umndeni ngomndeni wodwa, nesifazana sayo sodwa.