1BHEKA usuku luka Jehova lu ye za, ko ti impango yako yahlukaniswe pakati kwako.
2Ngokuba ngo buta izizwe zonke nga kulo iJerusalema ekulweni, ko ti umuzi u banjwe, ku pangwe nezindhlu, ku pingwe nesifazana; inxenye yomuzi i ya kuya ekutunjweni, kepa insalo yabantu a i yi ku nqunywa emuzini.
3Ku ya kuti uJehova a pume, a lwe na lezozizwe njengosuku lokulwa kwake ngosuku lokuhlangana.
4Ko ti izinyawo zake zi me nga lomhla entabeni yemihlwati e nga pambili kweJerusalema ngasempumalanga; intaba yemihlwati yo hlukana yona ngapakati kwayo ngasempumalanga na ngasentyonalanga, si be kona isigodi esikulu kakulu; inxenye yentaba yo sukela ngasenyakato, nenxenye yayo ngaseningizimu.
5Ko ti ni balekele esigodini sezintaba, ngokuba isigodi sezintaba so finyelela kuAzali; ni zo baleka nina njengaloku na baleka ngapambi kokuzamazama komhlaba ngezinsuku zika Uzia inkosi yabaJuda; Ko ti uJehova wami a fike, nabayingcwele bonke kanye nawe.
6Ku ya ku tike nga lomhla, ukuba a ku yi ku ba kona ukukanya kwezinkanyiso ezincipileyo.
7Kanti ko ba kona imini inye e yaziwa kuJehova, ku nga bi imini nobusuku; kepa ko ti ngesikati sokuhlwa ku be kona ukukanya.
8Ku ya kutike nga lomhla, ukuba amanzi apililcyo a pume eJerusalema, inxenye yawo kulo ulwandhle olu ngapambili, nenxenye yawo kulo ulwandhle olu ngasemuva; ehlobo na sekwindhla ko ba kona.
9uJehova yena wo ba iNkosi pezu kwezwe lonke; Nga lomhla wo ba kona uJehova munye, negama lake linye.
10Izwe lonke lo pendulwa li be njengemfunda ku suke eGeba ku fike eRimoni eningizimu kweJerusalema; li ya kupakanyiswa, lakiwe endaweni yalo, ku suke esangweni lika Benjamini ku sendaweni yesango lokuqala, ku ze ku be sesangweni legumbi, ku suke enqabeni ka Hananeli ku ze ku fike empongolweni wewaini wenkosi.
11Ko ti ba hlale kulo, ku nga bi ko futi ukuqedwa impela, kanti iJerusalema li ya kwakiwa ngokwetemba.
12Ku ya kuti loku ku be ukufa uJehova wo tyaya ngako bonke abantu a ba lwe neJerusalema; u ya kondisa inyama yabo, be semi ezinyaweni zabo, namehlo abo o ncibilikiswa ezimbobweni zawo, nolimi lwabo lo ncibilikiswa emlonyeni wabo.
13Ku ya kuti nga lomhla, li be kona ivuso elikulu li vele kuJehova pakati kwabo; ba bambe ilomuntu isandhla somhlobo wake, isandhla sake si pakame nga kuso isandhla somhlobo wake.
14Wena nawe Juda u ya kulwa eJerusalema; ko butwa ingcebo yezizwe zonke ezizungezayo, igolide, nesiliva nezambato ngokuvama okukulu.
15Ko ba njaloke ukufa kwehashi, nenjomane, nekameli, nembongolo, nezilwane zonke e zi ya ku ba ematangeni lawa, njenga lokukufa.
16Ko tike, ukuba bonke a ba shiyiwe kuzo zonke izizwe e zeza nga kulo iJerusalema ba kupuke ngeminyaka ukudumisa iNkosi, uJehova wamabandhla.
17Ku ya ku tike, ukuba laba a ba nga kupuki kuyo imindeni yomhlaba ba ye eJerusalema ukudumisa iNkosi, uJehova wamabandhla, a ku yi ku ba kona imvula pezu kwabo.
18Noma umndeni wa seEgipite o nge namvula a u kupuki, a u zi, ukufa ko ba kona, uJehova a za ku tyaya ngako izizwe e zi nga kupuki ukugcina umbuto wamadokodo.
19Loku ku ya kuba ukuhlutywa kwa sEgipite, nokuhlutywa kwezizwe zonke e zi nga kupuki ukugcina umbuto wamadokodo.
20Nga lolusuku ko ba kona emikaleni amahashi UBUNGCWELE KUJEHOVA; ko ti amabotwe endhlini ka Jehova o ba njengemikele ngapambi kwelati.
21Ko ti amabotwe onke eJerusalema na seJuda a be ubungcwele kuJehova wamabandhla; bona bonke a ba hlabelayo ba ya kuza, ba tabate kuwo, ba peke kuwo: kepa a sa yi ku ba kona umKanani endhlini yika Jehova wamabandhla nga lomhla.