IZIHLABELELO 140
Kumholi wokuhlabelela isihlabelelo sikaDavida.
1NGI kulule, Jehova, kumuntu omubi; ngi linde kumuntu o nonya.
2Aba ceba okubi enhliziyweni yabo; imihla yonke ba hlanganisa ukulwa.
3Ba lolile izilimi zabo njengezinyoka; ubuhlungu bamabululu bu pansi kwezindebe zabo. Sela.
4Ngi gcine, Jehova, esandhleni somubi; ngi linde kumuntu o nonya; a ba ceba ukuwisa izinyatelo zami.
5Abazidhlayo ba ngi fihlela isihibe, nemicilo; bendhlale ineta ngasecaleni lendhlela; ba ngi bekele imigibe. Sela.
6Nga ti kuJehova, u nguTixo wami wena; yizwa izwi lokukuleka kwami.
7Jehova Nkosi, mandhla okusindiswa kwami; wena wembesa ikanda lami ngosuku lwezikali.
8Jehova, ma u nga niki okufiswayo omubi; ma u nga sizi icebo lake; funa ba zi pakamise. Sela.
9Kepa ikanda labo aba ngi zungezayo, uhlupo lwezindebe zabo ma lu bembese.
10Amalahle omlilo ovutayo ma ka vele pezu kwabo; ma ka ba wisele emlilweni; na semisingeni ukuze ba nga vuki.
11Umuntu o nolimi olubi ma ka ngemi emhlabeni; ububi bo m zingela umuntu o nonya ku be ukuwiswa kwake.
12Ngi yazi ukuba uJehova u ya kwenzela ohlupekayo ukwahlula, nompofu ukulunga.
13Impela abalungileyo ba ya kubonga igama lako; abaqoto ba ya kuhlala ebusweni bako.
Bible Society of South Africa 1893