IZIHLABELELO 141
Isihlabelelo sika Davida.
1JEHOVA, ngi ya kukalela; ngi tyetyele; lalela izwi lami, ekukaleni kwami kuwe.
2Ukukuleka kwami ma ku lungiswe njengempepo ebusweni bako; nokupakanyiswa kwezandhla zami njengomnikelo wokudhla kusihlwa.
3Jehova, ma u beke ukulinda emlonyeni wami; ma u linde umnyango wezindebe zami.
4U nga penduleli endabeni embi inhliziyo yami; ukusebenza imisebenzi ekonakaliseni kanye nabantu aba sebenza okubi; ma ngi nga dhli okumnandi kwabo.
5Olungileyo ma ngi tyaye, ku ngumusa; ma ngi lungise, ku amafuta ekanda, ikanda lami a li yi ku wenqaba; ngokuba umtandazo wami wo ba u se kona ezinhlupekweni zabo.
6Nxa abahluleli babo ba wiswa ezindaweni zameva; ba ya kuzwa amazwi ami; ngokuba a mnandi.
7Amatambo etu a hlakazekile emlonyweni wesheoli, njengolimayo nodabula emhlabatini.
8Ngokuba amehlo ami a kuwe Jehova Nkosi; ngi yetemba kuwe, ma u ngatuleli umpefumlo wami.
9Ngi londe endaweni yesihibe a ba ngi cupele sona; nemigibe yabasebenzi bokubi.
10Ababi ma ba we emaneteni abo, mina ngo wa dhlulela impela.
Bible Society of South Africa 1893