Kumholi wokuhlabelela isihlabelelo sika Davida.
1JEHOVA, wena u ngi hlolile, u ya ngazi.
2U ya kwazi ukuhlala kwami, nokuvuka kwami; u qonda umcabango wami u kude.
3U ya linda ukuhamba kwami, nokulala kwami; wazana nezindhlela zonke zami.
4Ngokuba aliko izwi olimini lwami; bheka, wena Jehova, se u kwazi ukupela kwalo.
5U ngi vimbezele ngasemuva na nga pambili, u bekile isandhla sako pezu kwami.
6Lokukwazi okumangalisayo ku pezu kwami, ku pakeme a ngi nge finyelele kuko.
7Ngo ya pi, ngi dede emoyeni wako na? ngo balekelapi ngi muke ebusweni bako na?
8Uma ngi kupukela ezulwini, u lapo wena, uma ngi zendhlalela ukuko lwami esheoli, nangu wena.
9Uma ngi tabata amapiko omtendewokusa, ngi hlale emikaulweni yolwandhle;
10Na lapo isandhla sako si ya kungihola, nesandhla sokunene sako so ngi bamba.
11Uma ngi ti, impela Ubumnyama bu ya kungehlela; ubusuku bu ukukanya nga kimi.
12Ubumnyama a bu fihli kuwe; kanti ubusuku bu kanya njengemini; njengobumnyama ku njalo ukukanya kuwe.
13Ngokuba u bambile izinso zami, wa ngaluka esiswini sika mame.
14Ngo ku bonga ngenxa yokuba ngenziwa ngokwesabekayo; imisebenzi yako i ya mangalisa; umpefumlo wami u ya kwazi loku kakulu.
15Uqobo lwami a lu fihlwanga kuwe; lapa ngenziwa kona ekusitekeni, ngi setyenzwa kakuhle emibilinini yomhlaba.
16Amehlo ako a bona uto lwami lu nga ka fanekiswa; namalungu ami onke a lotywa encwadini yako; ngezinsuku a dalwa ngazo, ku nga biko nalunye lwawo.
17Zi mnandi kimi kangaka izinkumbulo zako Tixo! ubuningi bazo bukulu kangaka!
18Uma ngi zi bala, zi ningi ku nesihlabati, nxa ngi vuka ngi se nawe.
19Ku nga ti u nga bulala omubi, Tixo; dedani kimi nina bantu aba negazi.
20Aba kuluma icebo ngawe; izita zako zi pata igama lako ngeze.
21Jehova, a ngi zondi abazondi bako na? a ngi nengwa ibona a ba ku vukelayo na?
22Ngi ba zonda ngenzondo epeleleyo, ba izita kimi.
23Ngi hlole, Tixo, wazi inhliziyo yami; ngi linge, wazi izizindhlo zami;
24U bone uma ku kona indhlela yosizi ini; u ngi hole endhleleni engunapakade.