1OMPOFU o hamba ngeqiniso lake u lungile ku nalowo o pambene ngezindhlela zake, e isiula.
2Futi a ku lungile ukuba umpefumlo u nga bi nakwazi; notyetyayo ngezinyawo u yeduka.
3Ubuula bomuntu bu yonakalisa indhlela yake, nenhliziyo yake i tukutela ngakuye uJehova.
4Ingcebo i yenezela izihlobo eziningi, kepake ompofu u ya hlukaniswa kuso isihlobo sake.
5Ufakazi wamanga a ka yi ku ba o nge nacala, nopefumlayo amanga a ka yi kwepepa.
6Ba ningi aba kuleka esikulwini; nabo bonke ba izihlobo ku yena o wepanayo.
7Abazalwane bonke bompofu ba m zonda; kakulu kangakanana izihlobo zake zi suka kude naye; e landa amazwi, a wako wona.
8O zuza ukwazisisa, u ya tanda owake umpefumlo, kepake o londa ukuqonda wo tola okuhle.
9Ufakazi wamanga ka yi ku ba o nge nacala; o pefumla amanga wo buba.
10A ku bukeki esiuleni ukuba si pile ngenala; kakulu kambe a ku bukeki ukuba isiula si buse pezu kwezikulu.
11Ukuqondisisa komuntu ku ya libazisa ulaka lwake; ku udumo lwake ukutetela isipambuko.
12Ulaka lwenkosi lu njengengonyama ebodhlayo; kepa umusa wayo u njengamazolo pezu kotyani.
13Indodana e yisiula i inhlupeko enkulu kuyise; nezinkani zomfazi zi ukuconsa njalo njalo.
14Indhlu nomcebo ku ifa eli vela koyise; kanti umfazi o qondayo u vela kuJehova.
15Ubuvila benza ubutonga bu we pezu komuntu; nompefumlo onqenayo wo lamba.
16O londa umyalo, u londa umpefumlo wake; o nga naki izindhlela zake, u ya kubujiswa.
17O haukela umpofu, u ya m tyeleka uJehova; nako ukwenza kwake wo m vuza ngako.
18Yi tyaye indodana yako, ngokuba li kona itemba; kodwa u nga vuseli umpefumlo wako ku be ukubulawa kwake.
19Umuntu wolaka olukulu, nga e hlauliswa; ngoba uma u m sindisa, nga u buya u pinde.
20Yizwa ukuqondisa, wamkele ukulungiswa, ukuze u be nokuhlakanipa esikatini sako sokugcina.
21A kona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu; kodwa icebo lika Jehova, lona li ya kuma.
22Okufiswayo komuntu ku ububele bake; naye ompofu u lungile ku nomuntu wamanga.
23Ukumesaba uJehova ku ngukupila; o nako wo hlala e koliwe; a ka yi kwehlelwa ububi.
24Ivila li ya fihla isandhla salo esityeni, a li si buyiseli na semlonyeni walo.
25Tyaya isihlekisi, ko ti ongahlakanipileyo a xwaye; u m luleke oqondayo, wo qonda ukwazi.
26O cita uyise, e xotya unina, u yindodana e jabisayo nehlazisayo.
27Peza ndodana yami ukulalela isifundiso esidusayo emazweni okwazi.
28Ufakazi omubi u ya dela ukwahlula; nomlomo womubi u ya gwinya ukonakala.
29Ukwahluleka ku ya lungiselwa izideleli, nemivimbo umhlana weziula.