1IWAINI li isideleli; okupuzwa oku namandhla ku veza umsindo, o dukiswa ilo a ka hlakanipile.
2Ukwesabeka kwenkosi ku njengokubodhla kwengonyama entya; o yi tukutelisayo u ya wona umpefumlo wake.
3Ukuhlala kude nenkani, ku udumo kumuntu; kodwa zonke iziula zo tukutela.
4Ivila a li yi ku lima ngenxa yobusika; ngako lo nxiba ekwindhla ku ngekonto.
5Icebo eli senhliziyweni yomuntu li ngamanzi ajulileyo; kepa umuntu oqondayo wo li kipa.
6Imvama yabantu ba shumayela lowo na lowo obake ubunene; kepake umuntu o qiniseleyo a nga funyanwa ubani na?
7O hamba ngeqiniso lake u lungile; abantwana bake ba ya busiswa emva kwake.
8Inkosi e hlezi esihlalweni sokwahlula, i hlakaza konke okubi ngamehlo ayo.
9Ubani o nga tyo ukuti, ngenzile inhliziyo yami i be mhlope, ngi hlanzekile kuko ukona kwami?
10Izisindo zezinhlobo ezimbili, nezilinganiso zezinhlobo ezimbili zimbi kuJehova zozombili.
11Umtwana u yaziwa ngemisebenzi yake, noma umsebenzi wake u mhlope noma u lungile yini.
12Indhlebe ezwayo, neso elibonayo, uJehova u kwenzile kokubili.
13U nga tandi ubutongo, funa u fikelwe ubumpofu; vula amehlo ako, u sute isinkwa.
14Kubi, kubi, ku tyo umtengi; kepa se e mukile a hambe, u zigabisa.
15Ku kona igolide, namaperele amaningi, kodwa izindebe zokwazi zi isitya esi igugu.
16Tabata ingubo yake o zimela umfo; u m bope ngesibambiso ngenxa yabafo.
17Isinkwa senkohliso si mnandi kumuntu, kodwa emuva umlomo wake wo gcwala ugedhle.
18Amacebo a ya ku qiniswa ngokuqondisa; yenza impi ngecebo elihle.
19O hambahamba e umcetezi u yambulula okufihlekileyo, ngako u nga kolani naye o vulayo umlomo wake.
20O tuka uyise nonina, isibani sake si ya ku cinywa ebumnyameni obukulu.
21Imfuyo i nga zuzwa ngokutyetya ekuqaleni; kodwa ukupela kwayo a i yi ku ba nenhlanhla.
22U nga ti, Ngo pindisela okubi; bheka kuye uJehova, u ya ku ku naka.
23Izisindo ezinhlobo zimbili zimbi kuJehova; nezilinganiso zenkohliso zimbi.
24Izinyatelo zomuntu zi ngakuye uJehova; Umuntu a nga yazisa kanjani indhlela yake na?
25Ku yisihibe kumuntu ukuba a kulume okuyingcwele ngokungaqondi, nangasemva kwezifungo, a buye a buze.
26Inkosi eqondayo i ya cita ababi, i li hambise pezu kwabo isondo.
27Umpefumlo womuntu u isibani sika Jehova, esi penyisisa izindawo zonke ezi pakati kombilini.
28Umusa neqiniso ku ya londa inkosi; kuti i ya pasa isihlalo sayo sobukosi ngobubele.
29Isivunulo sabatya si amandhla abo; kepa udumo lwamaxegu lu izimvi zawo.
30Imivimbo elimazayo i umuti wokwelapa omubi; nokukalela emagumbini ombilini.