1OZAHLUKANISAYO wo funa okukanukwayo, u ya kanuka kuko konke ukuqondisa.
2Isiula a si jabuli ngokuqonda, kodwa ekuzibukuleni kwenhliziyo yaso.
3Nxa ku fika omubi, ku fika nokudelela, nenhlamba nokutuka.
4Amagama omlomo womuntu a njengamanzi a julileyo, nomtombo wokuhlakanipa u umfula ompompozayo.
5Ukunaka ubuso bomubi a ku lungile; ukupambukisa abaqoto ekwahluleni a ku lungile.
6Izindebe zesiula zi ya ngena enkanini, nomlomo wake u ya biza imivimbo.
7Umlomo wesiula u ukuciteka kuso, nezindebe zaso zi umgibe empefumiweni waso.
8Amazwi omcetezi a njengemitamo e minzwa masinya, kepa yona i yehlela emagumbini esisu.
9O vilapela umsebenzi wake, u umfo wabo o citayo.
10Igama lika Jehova li inqaba e namandhla; olungileyo u gijimela pakati kwayo a sinde.
11Imfuyo yesicebi i inqaba yaso e namandhla, i njengodonga olude ekuzindhleni kwaso.
12Ku nga ka fiki ukucitakala inhliziyo yomuntu i pakamile, lu nga ka biko udumo ku kona ukutobeka.
13O pendula indaba e nga ka yi zwa, ku ubuula kuye nehlazo.
14Umoya womuntu wo twala ukugula kwake; kepake umoya omunyu u nga twalwa ubani na?
15Inhliziyo yomuntu oqondileyo i ya zuza ukwazi; nendhlebe yabahlakanipileyo i ya funa ukwazi.
16Umnikelo womuntu u ya m enzela indawo, u ya m zisa pambi kwezikulu.
17O ngowokuqala ecaleni lake, kungati u lungile yena; kepake umhlobo wake u ya fika, a m hlolisise.
18Inkato i ya qeda izinkani, yahlukanise pakati kwaba namandhla.
19Umzalwane o woniweyo u ya hlula umuzi o namandhla; futi izinkani zabo zi njengemivalo yenqaba.
20Isisu somuntu so suta ngesitelo somlomo wake; ngobuningi bamazwi ake u ya kusuta.
21Ukufa nokupila ku semandhleni olimi; aba lu tandayo bo si dhla isitelo salo.
22O fumana umfazi, u ya fumana okulungileyo, u zuzile umusa kuJehova.
23Ompofu u ya kuluma ngokuncenga; kodwa isicebi si pendula ngokulukuni.
24Umuntu wezihlobo wo tiwa o mubi; ku kona isihlobo esi namatela ku neselamane.