1KONA umbuso wexulu wo fana nezintombi ezi ishumi, eza tabata izibani zazo, za puma ukuya kuhlangabeza umyeni.
2Kepa ezi isihlanu kuzo za zi hlakanipile, nezi isihlanu za zi iziula.
3Ezi iziula za tabata izibani zazo, a zi tabatanga amafuta kanye nazo.
4Kodwa ezihlakanipileyo za tabata amafuta ezityeni zazo kanye nezibani zazo.
5Umyeni e sa libele, zozela zonke, za lala.
6Kwa menyezwa pakati kobusuku ukuti, Nangu umyeni e za; pumani, ni ye kumhlangabeza.
7Kona za vuka lezozintombi zonke, za lungisa izibani zazo.
8Ezi iziula za ti kwezihlakanipileyo, Si peni amafuta kwawenu zi cimile izibani zetu.
9Ezihlakanipileyo za pendula za ti, Qa, funa a nganeli tina nani; hambani ni ye kwabatengisayo, ni zitengele.
10Se zi ye kutenga, kwa fika umyeni, e se zi lungile za ngena naye emtimbeni, umnyango wa valwa.
11Kwa fika ezinye izintombi ngasemva, za ti, Nkosi, Nkosi, si vulele.
12Wa pendula wa ti, Ngi qinisile ngi ti kini, a ngi nazi.
13Lindani, ngokuba ni nga lwazi usuku nesikati, iNdodana yomuntu e ya kufika ngaso.
14Ku fana nomuntu o hambela kwelinye izwe, wa biza izinceku zake, wa zi nika imfuyo yake.
15Wa nika enye amatalenta a isihlanu, enye a ba mabili, enye la ba linye, ileyo njengamandhla ayo; wesuka masinyane wa ya kwelinye izwe.
16Kwa ti owamkela amatalenta a isihlanu, wa ya, wa sebenza ngawo, wa zuza amanye amatalenta a isihlanu.
17Wenza njalo nowamkela amabili, wa zuza amanye amabili.
18Kodwa owamkela la ba linye, wa ya, wemba emhlabatini, wa i fihla imali yenkosi yake.
19Emva kwesikati eside inkosi ya lezozinceku ya fika, ya landisana nazo.
20Kweza owamkela amatalenta a isihlanu, wa leta amanye amatalenta a isihlanu, wa ti, Nkosi, wa ngi nika amatalenta a isihlanu, bheka, ngi zuzile amanye amatalenta a isihlanu ngapandhle kwawo.
21Inkosi yake ya ti kuye, Kuhle, nceku elungileyo netembekile, wetembekile pezu kwezinto ezi incozana, ngi ya kukumisa pezu kwezinto eziningi; ngena ekujabuleni kwenkosi yako.
22Kweza nowamkela amatalenta amabili, wa ti, Nkosi, wa ngi nika amatalenta amabili, bheka, ngi zuzile amanye amatalenta amabili ngapandhle kwawo.
23Inkosi yake ya ti kuye, Kuhle, nceku elungileyo netembekayo, wetembekile pezu kwezinto, ezi incozana, ngi ya kukumisa pezu kwezinto eziningi; ngena ekujabuleni kwenkosi yako.
24Kweza nowamkela italenta la ba linye, wa ti, Nkosi, be ngi kwazi wena ukuba u umuntu o nolaka, u vuna lapa u nga hlwanyelanga kona, u buta lapa u nga hlakazanga kona.
25Ngesaba, nga ya nga fihla italenta lako emhlabatini; nanti, li se elako.
26Inkosi yake ya pendula ya ti kuye, Nceku embi nevilapayo, wazi ukuba ngi vuna lapa ngi nga hlwanyelanga kona, ngi buta lapa ngi nga hlakazanga kona.
27Nga wa beka imali yami kwabebanke, kwa ti, ekufikeni kwami nga be ngi kwamkele okwami kanye nenzuzo.
28M amukeni italenta lake, ni li nike o namatalenta a ishumi.
29O nako u ya kupiwa, a vame; kodwa o nge nako, wo kwamukwa na loku a nako.
30Lenceku engasiziyo, i ponseni ebumnyameni obu ngapandhle; ko ba kona ukukala nokugedhla amazinyo.
31Nxa i si fikile iNdodana yomuntu i nobukosi bayo, nezingelosi ezingcwele zonke zi za nayo, kona yo hlala esihlalweni sobukosi bayo.
32Ko butelwa pambi kwayo izizwe zonke; yo bahlukanisa abanye nabanye, njengomalusi o zahlukanisa izimvu nezimbuzi:
33Yo beka izimvu ngakwesokunene savo, izimbuzi ngakwesokohlo.
34Kona iNkosi i ya kuti kwaba ngakwesokunene, Zanini nina eni busisiwe uBaba, ni dhle ifa lombuso eni u lungiselweyo, iloku kwa dabuka umhlaba.
35Ngokuba nga ngi lambile, na ngi pa ukudhla; nga ngomile, na ngi puzisa; nga ngi umfokazi, na ngi ngenisa;
36Nga ngi hambaze, na ngambatisa; nga ngi gula, na ngi hamba; nga ngi setilongweni, neza kimi.
37Kona abalungileyo ba ya kuipendula ngokuti, Nkosi, sa ku bona nini u lamile, sa ku pa ukudhla? noma womile, sa ku puzisa na?
38Sa ku bona nini u umfokazi, sa ku ngenisa; noma u hambaze, sa kwambatisa na?
39Sa ku bona nini u gula, noma u setilongweni seza kuwe na?
40iNkosi yo pendula i ti kubo, Ngi qinisile ngi ti kini, Loku nenza komunye wa laba abancinyane abazalwane bami, nenza kimina.
41Kona i ya kuti kwaba ngakwesokohlo, Dedani kimi nina enitukiweyo, ni ye emlilweni o pakade, o lungiselwe uSatani nezingelosi zake.
42Ngokuba nga ngi lambile, a ni ngi panga ukudhla; nga ngomile, a ni ngi puzisanga;
43Nga ngi umfokazi, a ni ngi ngenisanga; nga ngi hambaze, a ni ngambatisanga; nga ngi gula, ngi setilongweni, a ni ngi hambanga.
44Kona ba ya kupendula ba ti, Nkosi, sa ku bona nini u lambile noma womile, noma u umfokazi, noma u hambaze, nhoma u gula, noma u setilongweni, si nga ku konzanga na?
45Kona yo ba pendula i ti, Ngi qinisile ngi ti kini, Loku ni ngenzanga komunye wa laba abancinyane, a nenzanga kimina.
46Laba ba ya kungena ekuhlutyweni okupakade, kodwa abalungileyo ba ya kungena ekupileni okupakade.