1KWA ti, uJesu se e qedile onke lamazwi, wa ti kubafundi bake,
2Ni yazi ukuba emva kwezinsuku ezimbili ko ba kona ipasika, iNdodana yomuntu i ya kunikelwa, ukuze i betelwe.
3Kona abapristi abakulu, nababali, namalunga abantu, ba butana esigodhlweni sompristi omkulu, o tiwa uKaiafa.
4Ba ceba icebo lokuba ba m bambe uJesu ngobuqili, ba m bulale.
5Kepa ba ti, Ku nga bi emhlanganweni, funa ku be kona ukuxokozela ebantwini.
6uJesu e seBetani, endhlini ka Simone ilepero,
7Kweza kuye umfazi e nomfuma wamafuta a nenani elikulu, wa tela ekanda lake e se hlezi ekudhleni.
8Abafundi bake be bona loku, ba cunuka, ba ti, Ukucita loku ku ngani na?
9Nga ku tengwa okuningi nga lawa amafuta, kwa piwa abampofu.
10Kepa uJesu wazi wa ti kubo, Ni m katazelani umfazi na? loku u sebenzile umsebenzi omuhle kimina.
11Ni nabampofu ngesikati sonke; kodwa a ni nami ngesikati sonke.
12Loku u telile lawa amafuta emzimbeni wami, u kwenzele ukumbelwa kwami.
13Ngi qinisile ngi ti kini, Ezweni lonke lapo lelivangeli li za kushunyayelwa kona ku za kushunyayelwa na loku a kwenzileyo lomfazi, ku be isikumbuzo ngaye.
14Kona wesuka omunye kwaba ishumi nambili, uJuda uIskariote, wa ya kubapristi abakulu.
15Wa ti, Ni ya kungipani, ngi m nikele kini na? Ba m misela izinhlamvu zemali ezimashumi amatatu.
16Kona wesuka wa funa ituba lokuba a m nikele.
17Ngosuku lokuqala lwesinkwa esi nge namvubelo, abafundi beza kuJesu, ba ti kuye, U tanda ukuba si ku lungiselepi ku dhliwe ipasika na?
18Wa ti, Hambani ni ye emzini, kumuntu otile, ni ti kuye, Umfundisi u ti, Isikati sami si seduze, ngi ya kwenza ipasika kuwe, mina nabafundi bami.
19Abafundi benza njengokubayala kukaJesu, ba lungisa ipasika.
20Se ku hlwile wa cambalala naba ishumi nambili.
21Be sa dhla, wa ti, Ngi qinisile ngi ti kini, Omunye kini u ya kunginikela.
22Ba dabuka kakulu, ba qala, ku be ilowo ukuti kuye, Imina, Nkosi, na?
23Wa pendula wa ti, O faka isandhla esityeni kanye nami, uyena o ya kunginikela.
24Nembala, iNdodana yomuntu i ya ya njengokulotyiweyo ngayo, kodwa nako ku lomuntu, iNdodana yomuntu e nikelwa uye! nga ku kuhle ku lomuntu, uma e nga zalwanga.
25Wa pendula uJuda, o wa m nikelayo, wa ti, Imina, Rabi na? Wa ti kuye, U tyilo wena.
26Be sa dhla, uJesu wa tabata isinkwa, wa bonga; wa si hlepula wa nika abafundi bake, wa ti, Tabatani ni dhle, loku ku ngumzimba wami.
27Wa tabata nesitya; wa bonga, wa ba nika, wa ti, Puzani nonke kuso.
28Loku ku igazi lami lesivumelwano esitya, elipalazelwa abaningi, ku be ukutetelela izono.
29Ngi ti kini, A ngi sa yi kupuza isitelo sevini ku ze ku fike lolosuku, engi za kupuza ngalo nani, si sitya embusweni ka Baba.
30Se be vumile igama, ba puma ba ya entabeni yemihlwati.
31Kona uJesu wa ti kubo, Nina nonke ni ya kucunuka ngami nga lobubusuku; loku ku lotyiwe ukuti, Ngi ya kutyaya umalusi, izimvu zomhlambi zi ya kuhlakazeka.
32Kepa ngasemva kokuvuka kwami, ngi ya kuhamba ngapambili kwenu ngi ya eGalile.
33uPetro wa pendula wa ti kuye, Nokuba bonke be cunuka ngawe, a ngi yi kucunuka mina na pakade.
34uJesu wa ti kuye, Ngi qinisile ngi ti kuwe, Nga lobubusuku, li nga ka kali iqude, wo ngi pika katatu.
35uPetro wa ti kuye, Nokuba ngi fa nawe, a ngi yi kukupika. Ba tyo njalo abafundi bonke.
36Kona uJesu wa fika nabo endaweni e tiwa iGetsemane, wa ti kubafundi bake, Hlalani lapa, ngi ze ngi ye ukukuleka lapaya.
37Wa tabata uPetro namadodana amabili ka Zebedi, wa qala ukudabuka nokuba nomunyu.
38Kona wa ti kubo, Umpefumlo wami u dabukile kakulu ku ze ku be sekufeni; hlalani lapa, ni linde nami.
39Wa qubeka incozana, wa wa ngobuso bake, wa kuleka, wa ti, Baba, uma ku ngenzeka, a ku dhlule kimi lesisitya; kepa ku nga bi ngokutanda kwami, ku be ngokwako.
40Weza kubafundi, wa ba fumana be lele; wa ti kuPetro, Ini? ni nge linde nami ihora li be linye na?
41Lindani, ni kukele, ukuba ni nga ngeni ekulingweni; umoya u ya vuma, kodwa inyama i butakataka.
42Wa buya wemuka ngokwesibili, wa kuleka, wa ti, Baba, uma ku ngo dhlule kimi lesisitya, ngi nga si puzi, a kwenziwe intando yako.
43Weza wa ba fumana be lele futi, ngokuba amehlo abo a enzima.
44Wa ba shiya, wemuka futi, wa kuleka ngokwesitatu, e tyo wona lawomazwi.
45Kona weza kubafundi bake, wa ti kubo, Ni sa lele, ni pumula na? Bhekani, isikati si sondele, iNdodana yomuntu i nikelwe ezandhleni zezoni.
46Sukani, si hambe; nangu o ngi nikelayo e sondele.
47E sa shumayela, kwa fika uJuda, omunye kwaba ishumi nambili, nabantu abaningi, be pete izinkemba, nezinduku, be vela kubapristi abakulu, namalunga abantu.
48Omnikelayo wa e ba nike isiboniso, sokuti, Lowo engi ya kumanga, uyena; ni m bambe.
49Wa fika masinyane kuJesu, wa ti, E, Rabi, wa manga.
50uJesu wa ti kuye, Sihlobo, u zeleni na? Kona beza ba beka izandhla pezu kuka Jesu, ba m bamba.
51Kwa ti omunye kwaba be noJesu, welula isandhla, wa kipa inkemba, wa galela inceku yompristi omkulu, wa nquma indhlebe yayo.
52Kona uJesu wa ti kuye, Buyisela inkemba endaweni yayo; bonke aba pata inkemba, ba ya kubulawa ngenkemba.
53U ti, ngi nge cele manje kuBaba, a ngi nike izingelosi ezi dhlula ngobuningi amabandhla a ishumi nambili na?
54Po ku nga gcwaliseka kanjani incwadi yokuti, nga kwenziwa loku na?
55Nga lesosikati uJesu wa ti kubantu, Ni pume nezinkemba nezinduku ukungibamba, ngokungati ngi umpangi; Imihla ngemihla be ngi hlezi nani, ngi fundisa etempelini, a ni ngi bambanga.
56Kepa loko konke kwenziwa, ukuba ku gcwaliseke imibalo yabaprofeti. Kona abafundi bonke ba m shiya, ba baleka.
57Ba m bamba uJesu, ba m yisa kuKaiafa umpristi omkulu, lapo a va ku butene ababali namalunga.
58uPetro wa m landela e kude, wa za wa fika esigodhlweni sompristi omkulu, wa ngena pakati, wa hlala nezinceku ukubona, ukuba ko petwa ngani.
59Abapristi abakulu, namalunga, nompakati wonke ba funa ubufakazi bamanga, ngoJesu, ukuba ba m bulale.
60Kepa a ba bu fumananga. Nokuba kwa fika ofakazi bamanga abaningi, a ba fumananga luto. Ngasemva kwa fika ofakazi bamanga ababili;
61Ba ti, Lo wa ti, Ngi nga cita itempeli lika Tixo, ngi buye ngi lake ngezinsuku ezintatu.
62Wesuka umpristi omkulu wa ti kuye, A u penduli luto na? laba ba qinisani ngawe na?
63Kodwa uJesu wa tula. Umpristi omkulu wa pendula wa ti kuye, Ngi ku fungisa uTixo o kona, ukuba u si tyele, uma u nguKristu, iNdodana ka Tixo.
64uJesu wa ti kuye, U tyilo wena. Kepa ngi ti kini, Se ni ya kubona iNdodana yomuntu i hlezi ngakwesokunene samandhla, i za ngamafu ezulu.
65Kona umpristi omkulu wa hxebula izingubo zake wa ti, U tukile; si sa funelani abanye ofakazi na? bhekani, se ni zwile ukutuka kwake.
66Ni tini na? Ba pendula ba ti, U fanele ukufa.
67Kona ba ma fela amate ebusweni, ba m wahlela; abanye ba m mukula,
68Ba ti, Si tyele, Kristu, ubani o ku tyayileyo?
69uPetro wa hlala ngapandhle esigodhlweni; kweza kuye intombazana, ya ti, Nawe u bu noJesu wa seGalile.
70Wa pika pambi kwabo bonke, wa ti, A ngi kwazi o ku tyoyo.
71Se e pumele esangweni, enye intombazana ya m bona ya ti kwaba kona, Lo wa e noJesu wa se Nazareta.
72Wa pika futi, wa funga wa ti, A ngi m azi lomuntu.
73Ngasemva kwesikatyana beza abemiyo kona, ba ti kuPetro, Nembala u ngowa kubo; ukukuluma kwako ku ya ku bonakalisa.
74Kona wa qala ukutuka nokufunga, wa ti, A ngi m azi lomuntu. Iqude la kala masinyane.
75uPetro wa kumbula izwi lika Jesu, a be li tyilo kuye lokuti, Li nga ka kali iqude, wo ngi pika katatu. Wa pumela ngapandhle, wa kala nokukala.