1WA puma uJesu wemuka etempelini, kwa fika abafundi bake ukumbonisa ukwaka kwetempeli.
2uJesu wa ti kubo, Ni ya bona konke loku na? Ngi qinisile ngi ti kini, A ku yi ku shiywa lapa itye pezu kwetye eli nga yi kuwiswa pansi.
3E sa hlezi entabeni yemihlwati, abafundi beza kuye be bodwa, ba ti, Si tyele; loku ko ba nini na? isiboniso sokuza kwako, nesokupela kwezwe so ba ini na?
4uJesu wa pendula wa ti kubo, Bhekani, ni ngedukiswa umuntu.
5Ngokuba abaningi ba ya kuza ngegama lami, be ti, Ngi nguKristu; ba ya kwedukisa abaningi.
6Ni ya kuzwa ukulwa, nodumo lokulwa; bhekani, ni ngetuki; ngokuba ku ya kwenzeka loku konke; kepa ukupela a ku ka biko.
7Isizwe si ya kuvukela isizwe umbuso u ya kuvukela umbuso; ku ya kuba kona indhlala, nezifo, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
8Lezizinto zonke zi ukuqala kokuhlupeka.
9Kona ni ya kunikelwa ekuhlupekeni, ni bulawe; ni ya kuzondwa izizwe zonke ngegama lami.
10Abaningi ba ya kukubeka, ba nikelane, ba zondane.
11Ku za kuvela abaprofeti bamanga abaningi, bedukise abaningi.
12Ngokuvama kokona ku za kupola utando lwabaningi.
13Kodwa omiyo ku ze ku be sekupeleni wo sindiswa.
14Lelivangeli lombuso li ya kushunyayelwa ezweni lonke, li be ufakazi kuzo zonke izizwe; kwandu kufika ukupela.
15Nxa ni bona isinengiso sencitakalo, esa shunyayelwa uDanyeli umprofeti, si mi endaweni engcwele, (ofundayo a kezwisise).
16Lapo aba seJudia ma ba balekele ezinabeni;
17O pezu kwendhlu a ngehli ukutabata uto endhlini yake.
18Na lowo o sendhle a nga buyeli emva ukutabata izingubo zake.
19Au kwabakulelweyo, nabancelisayo nga lezozinsuku.
20Nxusani ukuba ukubaleka kwenu ku nga bi ebusika, na ngesabata:
21Ngokuba ko ba kona ukuhlupeka okukulu, oku ngezanga ku be kona kwa sekuqaleni kwezwe ku ze ku be manje, noku nga sa yi kubako.
22Uma lezozinsuku zi nga ncityiswa, ku nge sindiswe umuntu; kepa ngabaketiweyo lezozinsuku zi ya kuncityiswa.
23Uma nmuntu e ti kini, Bhekani, nangu uKristu, nokuti nanguya, ni nga kolwa.
24Ngokuba ku ya kuvela oKristu bamanga, nabaprofeti bamanga, ba veze izibonakaliso ezikulu, nemimangaliso yokwedukisa nabaketiweyo, uma ku ngenzeka.
25Bhekani, se ngi ni tyelile ngapambili.
26Uma be tyo kini ukuti, Bhekani, u sehlane, ni nga pumi; noma be ti, u sezindhlini, ni nga kolwa.
27Njengonyazi lu vela empumalanga, lu kanye lu ze lu fike na sentyonalanga, ko ba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
28Lapa ku kona isidumbu, ilapa amanqe a za kubutana kona.
29Ko ti masinyane emva kokuhlupeka kwa lezozinsuku, ilanga li fipale, nenyanga i nga kanyi, nezinkanyezi zi ya kuwa ezulwini, namandhla a sezulwini a ya kuzanyazanyiswa.
30Sandu kubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu; zi kale izizwe zonke zomhlaba, zi bone iNdodana yomuntu i za ngamafu ezulu, i namandhla nobukosi obukulu.
31I ya kutuma izingelosi zayo, zi netilongo elikalayo kakulu, zi bute abaketiweyo bayo, be vela emimoyeni emini, ku suke emkaulweni omunye wezulu ku ze ku fike na komunye.
32A ke ni funde umfanekiso womkiwane; uma igatya li sa tambile, e hluma amaqabunga, ni yazi li seduze ihlobo.
33Njalo, nxa ni bona lezizinto zonke, nazi ku seduze, ku semnyango.
34Ngi qinisile ngi ti kini, Lesisizukulwane a si yi kudhlula, ku nga kenzeki loku konke.
35Ku ya kudhlula izulu nomhlaba, kodwa amazwi ami a ka yi kudhlula.
36Kepa lolosuku na lesosikati a kwazi muntu, qa nezingelosi za sezulwini, uBaba kupela.
37Njengezinsuku zikaNoa, ko ba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
38Ngokuba njenga sezinsukwini ku nga ka bi ko uzamcolo, ba be dhla, be puza, be ganwa, bendiswa, kwa za kwa fika usuku, uNoa a ngena ngalo emkunjini,
39Ba be ngazi kwa za kwa fika uzamcolo, wa ba susa bonke; ko ba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
40Kona ababili bo ba endhle; omunye wo tatyatwa, omunye a shiywe.
41Ko sila ababili etyeni; omunye wo tatyatwa, omunye a shiywe.
42Lindani, ngokuba ni nga sazi isikati, iNkosi yenu e ya ku fika ngaso.
43Kepa yazini loku ukuti, uma umninindhlu e be sazi isikati sokufika kwesela, nga be e lindile, e nga vumanga indhlu yake i fohlwe.
44Ngaloku hlalani ni lungile, ngokuba iNdodana yomuntu i ya kufika ngesikati eni nga si cabangiyo.
45I ipi inceku etembekayo neqondayo, inkosi yayo e i misile pezu kwabendhlu yayo, ukuba i ba pe ukudhla ngesikati esifaneleyo?
46I busisiwe leyonceku, inkosi yayo i si fikile, e i fumana yenza njalo.
47Ngi qinsile ngi ti kini, Yo i misa pezu konke kwake enako.
48Kodwa uma leyonceku embi i tyo ngenhliziyo yayo ukuti Inkosi yami i ya libala ukufika;
49I qale ukutyaya izinceku za kubo, i dhle, i puze kanye nezidakwa;
50Inkosi ya leyonceku yo fika ngosuku e nga i bhekile ngalo, na ngesikati e nga saziyo.
51Yo i nqamula kabili, i i nike isabelo ndawonye nabazenzisi, lapo ko ba kona ukukala nokugedhla amazinyo: