1KONA uJesu wa shumayela kubantu, na kubafundi bake,
2Wa ti, Ababali nabaFarisi ba hlezi esikundhleni sika Mosi.
3Konke aba ku tyoyo kini ukuba ni ku gcine, ku gcineni, ni kwenze; kodwa ni ngenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba be tyo, be ngenzi.
4Ngokuba be bopa imitwalo enzima nesindayo, ba i beka emahlombe abantu; kodwa aba vumi ukuipata na ngomunwe wabo.
5Imisebenzi yonke yabo ba yenza ukuba ba bonwe abantu; ba wenza a be banzi amafilakterio abo, ba yenza i be mikulu imipeto yezingubo zabo.
6Ba tanda izihlalo za senhla ekudhleni, nezihlalo ezi pambili ezindhlini zokusonta.
7Nokubingelelwa ezindaweni zokubutana, nokubizwa abantu ngokuti, Rabi, Rabi.
8Kodwa ma ni nga bizwa ngokuti Rabi; ngokuba munye umfundisi wenu, uKristu; nina nonke ni ngabazalwane.
9Ni nga bizi umuntu emhlabeni ngokuti, uyihlo; ngokuba munye uyihlo wenu, u sezulwini.
10Ni nga bizwa ngokuti, abafundisi; ngokuba munye umfundisi wenu, uKristu.
11Omkulu kini a ka be umkonzi wenu.
12Lowo o zipakamisayo, u ya kutotyiswa; nozitobayo wo pakanyiswa.
13Nako kinina, babali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba ni ba valela abantu umbuso wezulu, loku ni nga ngeni nina, nabangenayo a ni ba vumeli ba ngene.
14Nako kinina, babali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ni ya zi dhla izindhlu zabafelokazi, na ngokuzenzisa ni kuleka isikati eside, ngaloko ni ya kwamkeliswa ukulahlwa okukulu.
15Nako kinina, babali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ni hamba ulwandhle nomhlaba ukuba nenze e munye a hlangane nani, sa e kona, ni menza a be umntwana wegehena kabili ku nani.
16Nako kinina, baholi aba izimpumpute! ni ti, o funga itempeli, a ku luto, kodwa o funga igolide letempeli, u necala.
17Ziula, zimpumpute! i kupi okukulu, igolide, netempeli, elenza igolide li be ngcwele na?
18Ni ti, o funga ilati, a ku luto kodwa o funga umnikelo o pezu kwalo, u necala.
19Ziula, zimpumpute! i kupi okukulu, umnikelo, nelati elenza umnikelo u be ngcwele na?
20O funga ilati, u funga lona nako konke oku pezu kwalo.
21O funga itempeli, u funga lona nohlala kulo.
22O funga izulu, u funga isihlalo sika Tixo nohlala kuso.
23Nako kinina, babali nabaFarisi, bazenzisi! ni tela ngokweshumi iminte, neanise, nekumine, ni yekile okanzima komteto, ukuti, ukwahlula, nomusa, nenkolo; nga ni kwenzile loku, nga ni nga ku yekile na loko.
24Baholi aba izimpumpute! aba hluza insensane, be gwinya ikameli.
25Nako kinina, babali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ni hlanza indebe nesitya ngapandhle, kodwa ngapakati zi gcwele impango nokubensa.
26mFarisi o impumpute, qala u hlanze indebe nesitya ngapakati, ukuba zi hlanzeke na ngapandhle.
27Nako kinina, babali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ni fana namatuna acakiweyo, a bonakala e mahle ngapandhle, kodwa ngapakati a gcwele amatambo abafileyo, nensila yonke.
28Njalo nina ngapandhle ni bonakala kubantu ni lungile, kodwa ngapakati ni gcwele ukuzenzisa nobubi.
29Nako kinina, babali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba naka amatuna abaprofeti, ni vunulisa amatuna abalungileyo.
30Ni ti, Uma sa be si kona emihleni ya wobaba, sa be si nge ze si hlanganyele nabo igazi labaprofeti.
31Njalo ni ziqinisela ukuba ni ngabantwana bababulala abaprofeti.
32Gcwalisani isilinganiso sa woyihlo.
33Zinyoka, nzalo yezinhlangwana? ni nga balekela kanjani ukulahlwa egehena na?
34Ngaloko, bhekani, ngi tuma kini abaprofeti, nabahlakanipileyo, nababali; abanye kubo no ba bulala, ni ba betele, abanye ni ba tyaye ezindhlini zenu zokusonta, ni ba zingele imizi ngemizi,
35Ukuba ku fike pezu kwenu igazi lonke elilungileyo ela citwa emhlabeni, ku suka egazini lika Abela olungileyo, ku fike egazini lika Zakaria, indodana ka Barakia, ena m bulala emkatini wetempeli nelati.
36Ngi qinisile ngi ti kini, loku konke ku ya kufika pezu kwa lesisizukulwane.
37Jerusalema, Jerusalema, wena o bulala abaprofeti, u kanda ngamatye abatunyelwe kuwe; nga ngi tanda kangapi ukubutela ndawonye abantwana bako, njengesikukukazi si butela amazinyane aso pansi kwamapiko aso; a ni vumanga!
38Bhekani, se ni skiyelwe indhlu yenu i citeka.
39Ngi ti kini, A ni sa yi ku ngi bona, ni ze ni ti u busisiwe ozayo ngegama leNkosi.