1UJESU wa pendula, wa shumayela futi kubo ngemifanekiso, e ti,
2Umbuso wezulu u fana nomuntu o inkosi, owenzela indodana yake umtimba,
3Wa tuma izinceku zake ukubiza abamenyiweyo ukuza emtimbeni: ba be nga vumi ukuza.
4Wa buya wa tuma ezinye izinceku, wa ti Yityoni kwabamenyiweyo ukuti, Bhekani, se ngi lungisile ukudhla kwami, izinkabi zami nezikulupeleyo zi hlatyiwe nako konke ku lungile; wozani emtimbeni.
5Kodwa be nga nakile bemuka, omunye wa ya ezweni lake, omunye entengweni yake.
6Abanye ba bamba izinceku zake, ba zi hlupa, ba zi bulala.
7Inkosi se i zwile, ya tukutela, ya tuma impi yayo, ya ba bulala labo ababulali, ya tyisa umuzi wabo.
8Kona wa ti ezincekwini zayo, Umtimba se u lungile, kodwa abamenyiweyo ba be nga fanele.
9Ake ni hambe ni ye enhlanganweni yezindhlela, ni meme bonke eni ba fumanayo, beze emtimbeni.
10Lezozinceku za puma za ya ezindhleleni, za buta bonke eza ba fumanayo, ababi nabahle; umtimba, wa zala aba hlezi ekudhleni.
11Inkosi i ngenile ukubona aba hlezi ekudhleni ya bona kona umuntu o nge nangubo yomtimba.
12Ya ti kuye, Mngane, u ngene lapa kanjani, u nge nangubo yomtimba na? Wa tula.
13Kona inkosi ya ti ezincekwini, M bopeni izinyawo nezandhla, ni m tabate, ni m ponse ebumnyameni obungapandhle; lapo ko ba kona ukukala nokugedhla amazinyo.
14Abamenyiweyo baningi, kodwa abaketiweyo ba incozana.
15Kona abaFarisi besuka, benza icebo lokuba ba m bhabise nokushumayela kwake.
16Ba tuma kuye abafundi babo kanye nabaka Herodi, ba ti, Mfundisi, Si yazi ukuba u qinisile, u fundisa indhlela ka Tixo ngeqiniso, a u naki umuntu, ka bheki ubuso babantu.
17Ngako si tyela, U tini na? ku fanele ukutela imali kuKesari, nokuba ukungateli na?
18Kepa uJesu e kwazi ukushinga kwabo, wa ti, Ni ngi lingelani, nina bazenzisi?
19Ngi boniseni imali yokutela. Ba leta kuye udenario.
20Wa ti kubo, Ku ngokuka bani lomfanekiso, na lombalo na?
21Ba ti kuye, Okuka Kesari, Kona wa ti kubo, M nikeni uKesari okuka Kesari, noTixo okuka Tixo.
22Se be zwile, ba mangala, ba m shiya, bemuka.
23Nga lolosuku kwa fika kuye abaSadusi, aba ti, a ku ko ukuvuka kwabafileyo, ba m buza,
24Be ti, Mfundisi, uMosi wa ti, uma umuntu e fa, e nge nabantwana, umfo wabo wo ngena kumkake, a vusele umfo wabo inzalo.
25Kwa ku kona kiti izelamani ezi isikombisa; owokuqala wa ganwa, wa fa, e nge nanzalo, wa shiya umkake kumfo wabo.
26Wenze njalo nowesibili, nowesitatu, kwa za kwa fika kowesikombisa.
27Emva kwabo bonke wa fa nomfazi.
28Ekuvukeni wo ba umka bani kwaba isikombisa? loku bonke ba be naye.
29uJesu wa pendula wa ti kubo, Nedukile, ni ngazi imibalo, namandhla ka Tixo.
30Ngokuba ekuvukeni a ba ganwa, a bendiswa; kodwa ba njengezingelosi zika Tixo ezi sezulwini.
31A ni fundanga ini okwa shunyayelwa uTixo kini ngokuvuka kwabafileyo, e ti?
32Ngi nguTixo ka Abrahama noTixo ka Isaka, noTixo ka Jakobe; uTixo a siye uTixo wabafileyo kodwa owabapilayo.
33Abantu se be zwe loku, ba mangala ngokufundisa kwake.
34abaFarisi be zwile ukuba wa be e tulise abaSadusi, ba butana ndawonye.
35Omunye wa kubo, ummeli, wa m buza, e m linga, wa ti,
36Mfundisi, u mupi umyalo omkulu emtetweni na?
37uJesu wa ti kuye, Wo tanda iNkosi, uTixo wako, ngenhliziyo yonke yako, na ngompefumlo wonke wako, na ngokuqonda konke kwako.
38Ilo umyalo wokuqala nomkulu.
39Nowesbili u fana nawo wokuti, Wo tanda owakelene naye njengaloku u zitanda wena.
40Ku lemiyalo emibili ku bambelele umteto wonke nabaprofeti.
41abaFarisi se bu butene, uJesu wa ba buza,
42Wa ti, Ni tini nina ngoKristu na? U indodana ka bani na? Ba ti kuye, Ka Davida.
43Wa ti kubo, Po! uDavida wa m biza kanjani ngoMoya ukuti, iNkosi, e ti,
44iNkosi ya ti eNkosini yami, Hlala ngakwesokunene sami, ngi ze ngenze izita zako zi be isenabelo sako?
45Uma uDavida e m biza oku kuti iNkosi, u indodana yake kanjani na?
46A ku bangako o nga m pendula ngezwi; emva kwa lolosuku a kwa ba ko muntu o nesibindi sokumbuza luto.