1KWA ti, uJesu se e qedile lawamazwi, wesuka eGalile, weza ezweni la seJudia, ngapesheya kweJordani.
2Ba m landela abantu abaningi; wa ba pilisa lapo.
3Kweza kuye abaFarisi, be m linga ba ti kuye, Ku vunyelwe ini umuntu ukuba a lahle umkake ngamacala onke na?
4Wa pendula wa ti kubo, A ni fundanga ini ku tiwa, owenza abantu ekuqaleni, wa benza isilisa nesifazana.
5Wa ti, Ngaloko umuntu u ya kushiya uyise nonina, a bambelele kumkake; labo babili ba ya kuba inyamanye.
6Njalo a ba se babili, ba inyamanye, Loku uTixo a ku hlanganisileyo, ma ku ngahlukaniswa umuntu.
7Ba ti kuye, uMosi wa yala ngani, ukuba a nikwe incwadi yokwahlukanisa, a lahlwe na?
8Wa ti kubo, Ngobulukuni bezinhliziyo zenu uMosi wa ni vumela ukulahla omkenu; kepa kwa ku nge njalo ekuqaleni.
9Ngi ti kini, Lowo o lahla umkake, e nga m lahli ngokupinga, a ganwe omunye, u ya pinga; noganwa olahliweyo u ya pinga:
10Abafundi bake ba ti kuye, Uma kunjalo kumuntu nomkake a ku kuhle ukuganwa.
11Wa ti kubo, A ba lamkeli lelizwi bonke; kupela bona aba li nikiweyo.
12Ku kona abateniweyo, aba zalwa be njalo kwa sesiswini sika nina; ku kona nabateniweyo, be tenwe abantu; ku kona nabateniweyo, aba zitenileyo ngombuso wezulu. O namandhla okwamkela loku, a kwamkele.
13Kona kwa letwa kuye abantwana, ukuba a beke izandhla pezu kwabo, a kuleke; kepa abafundi bake ba ba kuza.
14uJesu wa ti, Vumelani abantwana, ni nga ba nqabeli ukuza kimi; ngokuba umbuso wezulu u ngowabanjalo.
15Wa beka izandhla pezu kwabo, wemuka lapo.
16Bheka, kwa fika umuntu, wa ti kuye Mfundisi olungileyo, ngi ya kwenza okulungileyo kuni, ngi be nokupila okupakade na?
17Wa ti kuye, U ngi bizelani u ti, ngi lungile na? A ku ko olungileyo, munye kupela, uTixo. Kepa uma u tanda ukungena ekupileni, londa imiyalo.
18Wa ti kuye, Imipi na? uJesu wa ti, Le yokuti, U nga bulali; U nga pingi; U ngebi; U nga qiniseli amanga;
19Dumisa uyihlo nonyoko; Wo tanda owakelene naye njengokuba u zitanda wena.
20Umlisa wa ti kuye, Loku konke ngi ku gcinile kwa sebutyeni bami; ngi sa ntulani na?
21uJesu wa ti kuye, Uma u tanda ukupelela, hamba u tengise ngako o nako, u babele abampofu; u ya kuba nemfuyo ezulwini; u ze u ngi landele.
22Umlisa e zwile lelozwi, wemuka e dabukile, ngokuba wa e nemfuyo eningi.
23uJesu wa ti kubafundi bake, Ngi qinisile ngi ti kini Ku lukuni kofuyileyo ukungena embusweni wezulu.
24Futi ngi ti kini, Ku lula ukuba ikameli li ngene entunjeni yosungulo, ku nokuba ofuyileyo a ngene embusweni ka Tixo.
25Abafundi bake se be zwile loku, ba mangala kakulu, ba ti, Ubani o nga sindiswayo na?
26uJesu e ba bheka, wa ti kubo, Kubantu ku ngenzeke loku, kodwa kuTixo ku ngenzeka konke.
27Kona uPetro wa pendula wa ti kuye, Bheka, tina si shiye konke, si ku landele; so ba nani na?
28uJesu wa ti kubo, Ngi qinisile ngi ti kini, Nina eni ngi landeleyo, ngokupinda ukuzalwa lapo iNdodana yomuntu se i hlezi esihlalweni sobukosi bayo, ni hlale ezihlalweni ezi ishumi nambili, nahlulele izizwe ezi ishumi nambili zaba Israeli.
29Nabo bonke aba shiye izindhlu nabafo wabo, nodade wabo, noyise, nonina, nomfazi, nabantwana, namazwe ngegama lami, ba ya kwamkeliswa ikulu, ba dhle ifa lokupila okupakade.
30Kepa abaningi abokuqala bo ba abokupela, nabokupela bo ba abokuqala.