1NGA lesosikati abafundi beza kuJesu, ba ti, Ubani omkulu embusweni wezulu na?
2uJesu wa biza umntwana, wa m misa pakati kwabo.
3Wa ti, Ngi qinisile ngi ti kini, Uma ni nga penduki, ni be njengabantwana, ni nge ngene embusweni wezulu.
4Lowo o zitoba njenga lomntwana, uyena omkulu embusweni wezulu.
5Na lowo o m amkela umntwana onje ngegama lami, u ya ngamkela mina.
6Kodwa o kubekisa omunye ku laba abancinyane aba kolwa imi, ku m lungele ukuba itye lokusila li panyekwe entanyeni yake, a cwiliswe elwandhle.
7Nako ezweni ngezikubekiso; ku ngeza izikubekiso; kodwa nako ku lomuntu isikubekiso esi za ngaye!
8Uma isandhla sako, nokuba unyawo lwako lu ku kubekisa, lu nqume, u lu lahle; kuhle kuwe ukungena ekupileni u isilima, noma u unyonga, ku nokuba u nezandhla ezimbili, nezinyawo ezimbili, u ponswe emlilweni opakade.
9Uma iso lako li ku kubekisa, li kipe, u li lahle; kuhle kuwe ukungena ekupileni u neso linye, ku nokuba u namehlo amabili, u ponswe egehena lomlilo.
10Bhekani ukuba ni nga deleli namunye ku laba abancinyane; ngi ti kini, Izingelosi zabo ezulwini zi bheka njalo ubuso buka Baba o sezulwini.
11iNdodana yomuntu i ze kusindisa okulahlekileyo.
12Ni tini na? Uma umuntu e nezimvu ezi ikulu, kweduke enye kuzo, a ka zi shiyi ini ezi mashumi ashiyangalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, a ye a i fune eyedukileyo na?
13Uma e i totile, ngi qinisile ngi ti kini, u i jabulela kakulu ku nga lezo ezimashumi ashiyagalolunye nesishiyagalolunye ezi ngedukanga.
14Kunjalo a siyo intando ka Yihlo o sezulwini, ukuba a bube noyedwa ku laba abancinyane.
15Uma umzalwane wako e kona wena, hamba u m sole, u naye ni nodwa; uma e ku zwa, u m zuzile umzalwane wako.
16Kodwa uma e nga ku zwa, tabata a be munye, nokuba be babili, ukuze leyondaba i qiniswe ngomlomo wofakazi ababili, nokuba be batatu.
17Uma e ngezwa labo, ku bike ebandhleni; uma e ngezwa ibandhla, a ka be kuwe njengowezizwe nomtelisi.
18Ngi qinisile ngi ti kini, Loko eni ku bopayo emhlabeni, ku ya kubotywa na sezulwini; na loko eni ku kululayo emhlabeni, ku ya kukululwa na sezulwini.
19Futi ngi ti kini, Uma ababili kini be vumelana emhlabeni ngento etile, aba i celayo, ba ya kuyenzelwa uBaba o sezulwini.
20Ngokuba lapo ku butene ababili, noma be batatu ngegama lami, ngi kona pakati kwabo.
21Kona uPetro weza kuye, wa ti, Nkosi, umfo wetu u ya kungona kangapi, ngi m tetelele na? ku ze ku be ka kombisa na?
22uJesu wa ti kuye, A ngi tyo kuwe ukuti, ku ze ku be kakombisa, kodwa ku ze ku be amashumi a isikombisa ezikombisa.
23Ngaloku umbuso wezulu u fana nomuntu o inkosi, e tanda ukulandisana nezinceku zake.
24E sa qala ukuzilandisa, kwa letwa kuye enye e necala lamatalenta a izinkulungwane ezi ishumi.
25Kepa i nge naluto lokukoka, inkosi yayo ya ti a ku tengwe ngayo, nomkayo, nabantwana bayo, nako konke a nako, ku kokwe.
26Inceku ya kotama, ya kuleka kuyo, ya ti, Nkosi, a ku ngi melele, ngi ku kokele konke.
27Inkosi ya leyonceku ya i haukela, ya i yeka, ya i tetelela icala.
28Kepa leyonceku ya puma, ya fumana enye inceku ya kubo, e necala kuyo lodenario aba ikulu; ya i bamba ngompimbo, ya ti, Ngi kokele o necala ngako.
29Ya suka inceku ya kubo, ya kotama ngasezinyaweni zayo, ya i ncenga, ya ti, A ku ngi melele, ngi ku kokele konke.
30Kepa a i vumanga, yesuka ya i faka etilongweni, i ze i koke icala.
31Izinceku za kubo zi bone okwenziweyo, za dabuka kakulu; za ya za bika enkosini yazo konke okwenziweyo.
32Kona inkosi yayo ya i biza, ya ti kuyo, Nceku embi, nga ku tetelela lonke lelocala, ngokuba wa ngi ncenga.
33Nga u nga haukelanga inceku ya kini, njengaloku nga ku haukela na?
34Inkosi yayo ya tukutela, ya i nikela kumapolisa, ku ze ku kokwe icala lonke e nalo.
35NoBaba o sezulwini u ya kwenza njalo kinina, uma ni nga teteleli ngenhliziyo, ku be ilowo umfo wabo izono zake.