1UMBUSO wezulu u fana nomuntu o umninindhlu, owa puma kusasa ukubiza izisebenzi zi ye esivinini sake.
2Se e vumelene nezisebenzi ukuzikokela udenario ngosuku, wa zi tuma esivini sake.
3Wa buya wa puma ngehora lesitatu, wa bona abanye be mi endaweni yokubutana, be nga sebenzi luto,
4Wa ti kubo, Hambani nani, ni ye esivinini, ngo ni nika okufaneleyo. Ba ya.
5Wa buya wa puma ngehora lesitupa, neleshiyangalolunye, wenza njalo.
6Wa puma na ngehora leshumi nanye, wa fumana abanye be mi, be nga sebenzi luto, wa ti kubo, Ni meleni lapa usuku lonke ni nga sebenzi na?
7Ba ti kuye, A si tolwa muntu. Wa ti kubo, Hambani nani ni ye esivinini; ni ya kwamkeliswa okufaneleyo.
8Se ku hlwile, umninisivini wa ti encekwini yake, Biza izisebenzi, u zi kokele imali yazo; u qale kwabokupela, u gcine kwabokuqala.
9Kweza aba bizwa ngehora leshumi nanye, kwa ba ilowo wamkeliswa udenario.
10Kweza abokuqala, ba ti ba za kwamkeliswa kakulu; kepa nabo bamkeliswa udenario ngabanye.
11Kepa se bamkelisiwe, ba sola umninindhlu.
12Ba ti, Laba bamva ba sebenze ihora linye, u ba linganise nati, esi twale ubunzima nokufudumala kwemini.
13Wa pendula wa ti komunye kubo, Mngane, a ngi koni ngaluto; a u vumelananga nami ngodenario na?
14Tabata okwako, u hambe; ngi tanda ukunika lo wamva njengawe.
15A ku fanele ini ukuba ngenze engi ku tandayo ngokwami na? Iso lako libi, ngokuba ngi lungile na?
16Njalo abokupela ba ya kuba abokuqala, nobokuqala ba be abokupela; ngokuba baningi ababiziweyo, kodwa ba incozana abaketiweyo.
17uJesu e kupukela eJerusalema, wa tabata, abafundi aba ishumi nambili be bodwa endhleleni, wa ti kubo,
18Bhekani, si kupukela eJerusalema, iNdodana yomuntu i ya kunikelwa kubapristi abakulu nababali; ba ya kuilahla ukuba i fe.
19Ba i nikele kwabezizwe, i hlekiswe, i tyaywe, i betelwe, kepa ngosuku lwesitatu yo buya, i vuke.
20Kona kwa fika kuye unina wamadodana ka Zebedi kanye namadodana ake; wa kuleka, e cela into kuye.
21Wa ti kuye, U funani na? Wa ti kuye, Yityo ukuba lawamadodana ami amabili a hlale, enye ngakwesokunene sako nenye ngakwesokohlo sako embusweni wako.
22uJesu wa pendula wa ti, A ni kwazi eni ku celayo. Ni nga puza isitya, engi ya kusipuza na? ni nga bapatizwa ngokubapatizwa engi bapatizwa ngako na? Ba ti kuye, Si ngenza.
23Wa ti kubo, Nembala ni ya kupuza isitya sami, ni bapatizwe ngokubapatizwa e ngi bapatizwa ngako; kepa ukuhlala ngakwesokunene, na ngakwesokohlo sami, a siko okwami ukupa, ba ya kupiwa aba ku lungiselwe uBaba.
24Be ku zwa loko aba ishumi, ba cunuka nga lezozelamani ezimbili.
25Kepa uJesu wa ba biza wa ti, Ni yazi ukuba amakosi ezizwe a ya zi busa, nabakulu ba namandhla pezu kwazo.
26A ku yi kuba njalo pakati kwenu; kodwa o tanda ukuba mkulu pakati kwenu, ka be isikonzi senu.
27No tanda ukuba owokuqala kini ka be inceku yenu.
28NjengeNdodana yomuntu a i zanga ukukonzwa, kodwa yeza ukukonza, nokunika ukupila kwayo ku be isihlaulo sabaningi.
29Be sa puma eJeriko, wa landelwa abantu abaningi.
30Bheka, izimpumpute ezimbili zi hlezi endhleleni, se zi zwile ku dhlula uJesu, za memeza za ti, Si haukele, Nkosi, Ndodana ka Davida.
31Kepa abantu ba zi kuza ukuba zi tule; kodwa za memeza kakulu, za ti, Si haukele, Nkosi, Ndodana ka Davida.
32Wema uJesu, wa zi biza, wa ti, Ni tanda ukuba ngi nenzeleni na?
33Za ti kuye, Nkosi, si tanda ukuba amehlo etu a vulwe.
34uJesu wa zi haukela, wa pata amehlo azo; a ti masinyane amehlo azo a bheka, za m landela.