1BHEKA, mina ngo tuma isitunywa sami, a lungise indhlela pambi kwami, ku ya kuti iNkosi e ni yi funayo yo fika i zuma, i ti isitunywa sovumelwano e ni si fisayo; bheka, si yeza u tyo uJehova wamabandhla.
2Kepa ubani a nga lu hlalela usuku lokuza kwaso, ubani a ngema na sekubonakaleni kwaso, ngokuba sona si njengomlilo woncibilikisayo, njengomhlanhloti wabahlanzi.
3Ko ti si hlale njengoncibilikisayo nohlanzisayo wesiliva; sona si ya kuhlanzisa amadodana ka Levi, si wa cwengise njengegolide nesiliva, a be kuJehova, a nikele umnikelo ngokulunga.
4Lapo umnikelo kaJuda neJerusalema wo ba mnandi kuJehova njengasezinsukwini zamandulo, na seminyakeni e dhlulileyo.
5Ngi ya kuti ngi sondele kini ku be ngokwahlula, ngi be ufakazi otyetyayo nga kubo abangoma, nabapingi, nabafungela amanga, nabamuka inkokelo yokokelwayo, nomfelokazi nenkedama, naba pambukisa umfokazi, nabo a ba ngesabi, u tyo uJehova wamabandhla.
6Ngokuba mina ngi nguJehova, a ngi penduki, ngako nina madodana ka Jakobe a ni qedwa.
7Ku suke emihleni ya oyihlo ni dedile emitetweni yami, ni nga i laleli. Buyelani kimi, ngo ti ngi buyele kini, u tyo uJehova wamabandhla; kanti ni ti, So buyela ngani na?
8Umuntu u ya kweba kuTixo ini? nebile kimi, noko ni ti, Sebile kuwe ngani na? Ngokweshumi na ngeminikelo.
9Ni tukiwe ngesituko, ngokuba nebile kimi, nina sizwe sonke.
10Ngenisani okweshumi konke endhlini yenyango, ku be kona ukudhla endhlini yami, ni ngi linge pela nga loku, u tyo uJehova wamabandhla, uma ngi nga yi ku ni vulela izibuko zezulu, ngi ni telele ubusiso, ku ze ku be ukupela kokuningi.
11Ngi ya kuti ngi kuze odhlayo ngenxa yenu, a ka yi ku qeda ukudhla komhlabati wenu, nevini lenu a li yi ku puta endhle, u tyo uJehova wamabandhla.
12Ko ti izizwe zonke zi ti ni busisiwe, ngokuba ni ya kuba izwe elitokozisayo, u tyo uJehova wamabandhla.
13Amazwi enu a be lukuni nga kimi, u tyo uJehova; noko ni ti Si kulumeni nga kuwe na?
14Ni tyilo ukuti, Ku ize ukukonza uTixo; ku inzuzoni uma si gcinile iziyalezelo zake, noma si hambile ngokwesililo pambi kuka Jehova wamabandhla na?
15Kalokuke tina si ti ba busisiwe abakukumeleyo; bakiwe pela bona a benza okubi; ba ya zisindisa bona a ba m lingayo uTixo.
16Lapo bona a ba m esabayo uJehova ba be be kuluma umuntu kumngane wake; kwa ti uJehova wa qapela wezwa, ya ti incwadi yokukumbula ya lotyelwa pambi kwake bona a ba m esabayo uJehova, ba kumbula igama lake.
17Bona ba ya kuba abami, u tyo uJehova wamabandhla ngosuku e ngi yenza ngalo ingcebo yami, ngi ya kuti ngi ba haukele, njengomuntu e haukela indodana yake e m konzayo.
18Lapo no buya, ni qike pakati komkonzayo uTixo, naye o nga m konziyo.