1KALOKUKE lesisiyalezelo si kinina, bateteleli.
2Uma ni nga vumi ukuzwa, noma ni nga ku beki enhliziyweni, ukunika udumo kulo igama lami, u tyo uJehova wamabandhla, ngo tuma pela isiqalekiso pezu kwenu, ngi qalekisa izibusiso zenu; yebo se ngi zi qalekisile, ngokuba a ni ku beki enhliziyweni.
3Bheka, mina ngo nqabela imbeu kinina, ngi hlakaze amanyala pezu kobuso benu, amanyala amadili enu, ko ti umuntu a ni suse kanye nawo.
4Ni ya kwazi nina ukuba ngi tumile kini lesisiyalezelo, ukuze uvumelwano lwami lu be kuLevi, u tyo uJehova wamabandhla.
5Uvumelwano lwami lwa ba kuye lokupila no lokutula; nga m nika kona ku be ngokwesaba wa ngesaba yena, wa kotamela pambi kwami.
6Umteto weqiniso u be semlonyeni wake, ububi a bu tolwanga ezindebeni zake; wa hamba nami ngokutula, na ngokulungisa, wa pendula abaningi ebubini.
7Ngokuba izindebe zomteteleli nga zi gcina ukwazi, nga ba funa nomteto emlonyeni wake; ngokuba u isigijimi sika Jehova wamabandhla yena.
8Kepa nina ni pambukile endhleleni; ni kubekisile abaningi emtetweni; ni citile uvumelwano luka Levi, u tyo uJehova wamabandhla.
9Kantike mina ngi nenzile ni delelwe, ni totyiswe kubantu bonke, njengokuba a ni gcinanga izindhlela zami, namkela ubuso emtetweni.
10A ngi ti si noBaba munye tina sonke na? a si ye uTixo munye o si dalileyo na? Yini ukuba si kohlisane ilomuntu nomzalwana wake, ukwapula uvumelwano lobaba betu na?
11uJuda u kohlisile, ku ti okunengekayo kwenziwe eIsraeli na seJerusalema; ngokuba uJuda wapulile oku ingcwele kuka Jehova a ku tandayo u zi lahlile wa tata indodakazi yotixo ongaziwayo.
12uJehova wo nquma umuntu o kwenzayo loku, ovusayo nopendulayo ematenteni ka Jakobe, noma e nikela isipo kuJehova wamabandhla.
13Na loku ni kwenzile kabili, na sibekela ilati lika Jehova ngezinyembezi, nokulila, nokukala ku ze ku be kona uku nga si naki isipo, noku ngamkeli ngentokozo ezandhleni zenu.
14Kepa ni ti, Ngani na? Ngokuba uJehova u be ufakazi pakati kwako nomfazi wobutya bako, o m kohlisileyo wena; noko yena u ohlanganiselweyo wako, u umfazi wovumelwano lwako.
15Kepa a kenzanga munye na? insalo yomoya i kuye nayo; Po, u be munye ngani na? wa e funa inzalo ka Tixo. Ngako lindani umoya wenu, ma ka nga m kohlisi umfazi wobutya bako noyedwa wenu.
16Ngokuba u ya zonda ukulahla, u tyo uJehova uTixo wa seIsraeli, u ya sibekela nohlupo ngokwambata kwake, u tyo uJehova wamabandhla: ngako lindani umoya wenu, ni nga kohlisi.
17Ni katazile uJehova ngamazwi enu; kepa ni tyo ukuti, Si m katazile ngani na? uma ni tyo ukuti, Bonke, ilo o wenza kabi u lungile emehlweni ka Jehova, u ya tokoza ngabo yena; noko, U pi uTixo wokwahlula na?