1KU nga ti ikanda lami be li ngamanzi, namehlo ami a be umtombo wezinyembezi, ukuba ngi kale emini na sebusuku ngababuleweyo bendodakazi yabantu bami.
2Ku nga ti nga ngi nendawo ehlane yoku ba ku ngenise izihambi, ukuze ngi ba shiye abantu bami, ngi muke kubo; ngokuba be ngabapingi bonke, ibandhla lamashinga.
3Ba goba ulimi lwabo, umcibityolo wabo wokukohlisa; a bahluli ngeqiniso emhlabeni, kepa ba suka ekoneni, ba ye ekoneni, a ba ngazi mina, u tyo uJehova.
4Xwayanani, ni ngetembi namunye kubafo wenu, ngokuba abafo wenu bonke ba ya kohlisa, nabo bonke abakeleneyo ba ya hlebana.
5Ba kohlisana, a ba kulumi iqiniso; ba fundisile ulimi lwabo ukukuluma amanga, ba diniwe ngokwenza okubi.
6Ukwaka kwako ku pakati kwenkohliso; ngenkohliso ba yala ukungazi, u tyo uJehova.
7Ngako u tyo uJehova wamabandhla u ti, Bheka ngi ya kubancibilikisa, ngi ba linde, ngokuba ngi ya kwenzenjani ngenxa yendodakazi yabantu bami?
8Ulimi lwabo lu umcibityolo wokubulala; ba kuluma inkohliso; ngomlomo ba kuluma kahle nabakelene nabo, kepa ngenhliziyo ba ya cupa.
9Nga ngi nga ba tyayi nga loku na? u tyo uJehova; umpefumlo wami, nga u nga pindiseli esizweni esi nje na?
10Ma ngi kale, ngi bubule ezintabeni, ngi lile emadhlelweni a sehlane, ngokuba a citekile ku nge ko muntu o hamba kuwona; a kezwa ukukonya kwezinkomo, ku balekile nezinyoni zomkati nezilwane, zi mukile.
11Ngi ya kulenza iJerusalema li be izinqwaba zamatye, indawo yamankentyane; ngi ya kucita imizi ya kwa Juda, i nga bi namuntu.
12Umupi umuntu ohlakanipileyo, o qonda loku na? ubani lo o kulume kuye umlomo ka Jehova, ukuze a ku tyo? izwe la citekelani, lonakala njengogwadule; ku nga bi ko muntu odhlulayo?
13uJehova wa ti, ngokuba be shiyile umteto wami, enga u beka pambi kwabo, a ba lalelanga izwi lami, a ba hambanga ngalo;
14Ba landela ubulukuni benhliziyo yabo, noBalami, aba ku fundiswa oyise babo;
15Ngako u tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Bheka, ngi ya kubadhlisa lababantu umhlonyane, ngi ba puzise amanzi obuti.
16Ngi ya kubahlakazela ezizweni, aba nga zaziyo bona noyise babo; ngi ya kutuma inkemba emva kwabo, ngi ze ngi ba qede.
17U tyo uJehova wamabandhla, u ti, Qondani, ni bize abesifazana besililo, ukuba beze; tumani ni bize abesifazana abahlakanipileyo ukuba ba fike;
18Ba tyetye, ba si lilele ukuba amehlo etu a pume izinyembezi, nezinkope zetu zi vame amanzi.
19Ngokuba ku zwakele izwi lokulila li vela eZioni, li ti, Yeka, ukuciteka kwetu, si jabile kakulu, ngokuba si shiyile izwe, ngokuba be bidhlizile izindhlu zetu.
20Kepa yizwani izwi lika Jehova, nina besifazana, indhlebe yenu a yamkele izwi lomlomo wake; fundisani amantombazana enu ukulila, ni fundisane ukukala.
21Ngokuba ukufa ku yeza ezibukweni zetu, ku ngena ezigodhlweni zetu, ku qedile abantwana aba nga pandhle nezinsizwa ezi sezindhleleni.
22Kuluma u ti; U tyo uJehova; Izidumbu zabantu zi ya kuwa njengomquba emhlabatini, na njengezixa zamabele emva kovunayo, ku nga bi ko obutayo.
23U tyo uJehova u ti, Ohlakanipileyo ka nga zigabisi ngokuhlakanipa kwake, nonamandhla ka nga zigabisi ngamandhla ake, nofuyileyo ka nga zigabisi ngemfuyo yake.
24Kodwa o zigabisayo ka zigabise nga loku, ngokuqonda na ngokungazi ukuti, ngi nguJehova owenza ubunene, ukwahlula nokulunga emhlabeni, ngokuba ngi tanda loku, u tyo uJehova.
25Bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova, engi ya kutyaya ngazo bonke abasokileyo ejwabini;
26Aba sEgipite naba kwaJuda, naba kwaEdomi, naba ka Amoni naba ka Moabi, nabo bonke abapuculwa izilevu, emacaleni, abakile ehlane; ngokuba lezi zizwe zonke a zi sokile, nayo yonke indhlu ka Israeli a i sokile ngenhliziyo.