1NGA lesosikati, u tyo uJehova, ba ya kukipa ematuneni amatambo amakosi a kwaJuda, namatambo ezikulu, namatambo abapristi, namatambo abaprofeti, namatambo abantu ba seJerusalema.
2Ba weneke elangeni na senyangeni, na sebandhleni lonke la sezulwini, otixo aba ba tandayo, ba ba konza, ba ba landela, ba ba funa, ba kuleka kubo; a ka yi kubutwa, a ka yi kumbelwa; a ya kuba umquba emhlabeni.
3Ukufa ku ya kuketwa ku nokupila ibo bonke abensali yabaseleyo ku lesisizwe esibi, be sele ezindaweni zonke lapo ngi ba xotyele kona, u tyo uJehova wamabandhla.
4Yityo kubo ukuti, uJehova u tyo u ti, Abantu ba ya wa ba nga buyi ba vuke na? umuntu u ya hlubuka a nga buyi a buye na?
5Po, lababantu ba seJerusalema ba hlubukelani ngokuhlubuka okupakade? ba bambelele kuyo inkohliso, bale ukubuya.
6Nga lalela, ngezwa; a ba kulumi kahle; a muko umuntu o pendukayo ngokona kwake, e ti, Ngenzeni? bonke ba buyela ekuhambeni kwabo, njengehashi li gijimela empini.
7Indwa ya semoyeni i yazi izikati zayo ezimisiweyo; amajuba namajiyankomo nezinkonjane zi gcina isikati sokubuya kwazo, kepa abantu bami a ba wazi umteto ka Jehova.
8Po, ni tyoloni ukuti, Si hlakanipile, umteto ka Jehova u nati. Bheka, imbala uti lwamanga lwababali lwenzile amanga.
9Abahlakanipileyo ba jabile, besaba ba banjiwe; bheka, ba dubile izwi lika Jehova; ba nokuhlakanipa kuni na?
10Ngako abafazi babo ngi ya kubanika kwabanye, namasimu abo kwababanqobayo, ngokuba be panga bonke abancinyane nabakulu, abaprofeti nabapristi, bonke ba kohlisa,
11Ba sindisa kancane ingozi yendodakazi yabantu bami, be ti, Ukutula, ukutula, kepa akuko ukutula.
12Nga be namahloni, ngokuba benzile okuzondekayo, kepa a ba nawo amahloni na kanye, a ba kwazi ukujaba; ngako ba ya kuwa nabawayo; ngesikati soku hanjelwa kwabo ba ya kukubeka, u tyo uJehova.
13Ngi ya kubaqeda impela, u tyo uJehova; a ku yi kubako amavini evinini, namakiwane emkiwaneni, ku ya kuvutuluka amaqabunga; ngi ya kubanika ababadhlulayo.
14Si hlalelani na? butanani, a si ngene emizini e vikelweyo, si tule kona, ngokuba uJehova uTixo wetu u si tulisile, u si puzisile amanzi obuti, ngokuba sonile kuJehova.
15Sa temba ukutula, kepa a ku bangako okuhle; sa temba isikati sokupila, kepa bheka usizi.
16Ku zwakele eDani ukukala kwamahashi ake; izwe lonke li tutumela ngokuhlokoma kokukala kwamahashi ake a namandhla; beza ba qeda izwe nako konke oku kulo, umuzi nabake kuwo.
17Ngokuba, bheka, ngi ya kutuma izinyoka kini, amabululu, ezi nga ungekiyo, zi ya kuniluma, u tyo uJehova.
18Ukwenama kwami ku usizi, inhliziyo yami i pelamandhla.
19Nanti izwi lokukala kwendodakazi yabantu bami, li vela ezweni eli kude, li ti, uJehova a ka ko eZioni na? inkosi yalo a i ko kulo na? ba ngi cunuleleni ngezitombe zabo, na ngoku ize kwabezizwe?
20Ukuvuna ku pelile, ihlobo li dhlulile, kepa tina a si sindisiwe.
21Ngengozi yendodakazi yabantu bami ngi nengozi, ngi ya lila ngi banjwe okwesabekayo.
22A ku ko ibalsamu eGiladi na? a ku ko inyanga kona na? Po, a i sindiswa ngani indodakazi yabantu bami na?