1YIZWANI izwi a li tyiloyo kini, nina ba kwaIsraeli.
2U tyo uJehova u ti, Ni nga fundi indhlela yabezizwe, ni ngesabi izibonakaliso za sezulwini, ngokuba abezizwe ba ya zesaba.
3Imikuba yabantu i ize, ku gaulwa umuti ehlatini, umsebenzi wezandhla zombazi, ngembazo.
4Ba u hlobisa ngesiliva negolide, ba u betela ngezipikili na ngezando, ukuba u nga zamazami.
5Lezizitombe zi njegezinsika ezibaziweyo, a zi kulumi; zi ya twalwa, ngokuba a zi nakuhamba; ni nga zesabi, ngokuba zi nge kwenze okubi, futi a zi nakwenza okuhle.
6A mu ko o ngangawe Jehova, u mkulu, negama lako li kulu ebukosini.
7Ubani o nge kwesabe wena, Nkosi yezizwe, ngokuba ku ngokwako; kubo bonke abahlakanipileyo bezizwe, na kuyo yonke imibuso yabo, a muko o ngangawe.
8Kodwa ba izipukupuku neziula bonkana, ukufundisa oku ize, ku ngumuti.
9Ku letwa izingqweqwe zesiliva zi vela eTarshishi, negolide li vela eUfazi, umsebenzi womkandi nowezandhla zombumbi; zi gqokiswa okuluhlaza nokubomvu, zonke zi umsebenzi wabalumbi.
10Kepa uJehova u uTixo impela, u uTixo opilayo, neNkosi ya pakade; umhlaba u ya tutumela ngolaka lwake, izizwe zi nge me ekutukuteleni kwake.
11(Yityoni kubo ni ti, Otixo aba ngenzanga izulu nomhlaba ba ya kupela emhlabeni na ngapansi kwezulu leli.)
12Wenza umhlaba ngamandhla ake, wa misa izwe ngokuhlakanipa kwake, weneka izulu ngokuqonda kwake.
13Ngokuduma kwezwi lake ku kona amanzi maningi ezulwini, u kupula inkungu emikaulweni yomhlaba; u yenza unyazi nemvula; u ya kipa umoya ezibekelweni zake.
14Abantu bonke ba izipukupuku, a ba nakwazi; bonke ababumba izitombe ba jabile, ngokuba izitombe zabo zi ngamanga, a ku ko moya kuzo.
15Zi ize, umsebenzi wenkohliso; ngesikati sokuhanjelwa kwazo zi ya kupela.
16O isabelo sika Jakobe a si njengazo; ngokuba yena u ngumenzi wezinto zonke, uIsraeli u uhlanga lwefa lake: igama lake uJehova wamabandhla.
17Tabata umtwalo wako emhlabatini, wena muntu ohlupekayo.
18Ngokuba u tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi ya ntyinga abantu ba lelizwe nga lesisikati, ngi ba cindezele, ukuba ba ku fumane.
19Nako kimina ngokuciteka kwami, ingozi yami i yesabeka; kepa nga ti, impela loku ku usizi lwami, ngi ya kuqinisela kuko.
20Utente wami u citekile; zonke izintambo zami zi gqabukile; abantwana bami ba ngi shiyile, ka ba se ko; a ku se ko namunye wokwelula utente wami nokumisa amasaili ami,
21Ngokuba abalusi ba izipukupuku, a ba funisisi uJehova; ngako a ba nanhlanhla, umhlambi wonke wabo u hlakazekile.
22Bheka, ku zwakele indaba nomsindo omkulu o vela ezweni la senyakato, ku ti, imizi ya kwaJuda i ya kuba ihlane, indawo yamankentyane.
23Ngi yazi, Jehova, ukuti indhlela yomuntu a siyo eyake; a si ko okomuntu ohambayo ukuqondisa ukuhamba kwake.
24Ngi luleke, Jehova, kepa ngokufaneleyo kodwa, ku nga bi ngolaka lwako, funa u ngenze ngi nga bi into yaluto.
25Tela ulaka lwako ezizweni, ezi nga kwaziyo, na kwabemideni aba nga kuleki egameni lako, ngokuba be dhlile uJakobe, yebo, ba mu dhla ba m qeda, ba cita ikaya lake.