1IZWI ela fika kuJeremia, li vela kuJehova li ti,
2Yizwani amazwi a lesisivumelwano, ni kulume kubantu ba kwaJuda na kwabakileyo eJerusalema,
3U ti kubo, U tyo uJehova, uTixo ka Israeli, u ti, Ka tukwe lomuntu o nga laleli amazwi a lesisivumelwano,
4E nga ba yalela sona oyihlo, msukwana ngi ba kipa ezweni la sEgipite, eziko lensimbi, ngi ti, Lalelani izwi lami, ni lenze ngako konke enga ni yalela kona, kona ni ya kuba abantu bami, ngi be uTixo wenu;
5Ukuba ngi qinise isifungo enga si fungayo koyihlo sokuti, ngi ya kubanika izwe, eli vama ubisi nezinyosi, njenga namhla. Nga se ngi pendula ngi ti, Ameni, Jehova.
6uJehova wa ti kimi, Memezela onke lawamazwi emizini ya kwaJuda, na sezindhleleni za seJerusalema, u ti, Yizwani amazwi a lesisivumelwano ni wenze.
7Ngokuba nga qinisa impela koyihlo benu, msukwana ngi ba kipa ezweni la sEgipite ku ze ku be namhla, nga qinisisa nga ti, Lalelani izwi lami.
8Kepa a ba lalelanga, a ba bekanga indhlebe yabo; bonke ba hamba ngobulukuni bezinhliziyo zabo ezimbi; nga leta kubo onke amazwi a lesisivumelwano, enga ba yala ukuba ba wenze, kepa a ba wenzanga.
9UJehova wa ti kimi, Ku funyanwa icebo ebantwini ba kwa Juda, na kwabake eJerusalema.
10Se be buyele ezonweni za oyise babo, abala ukuzwa amazwi ami; ba landele abanye otixo, ukuba ba ba konze; aba kwaIsraeli naba kwaJuda beqile isivumelwano enga senza noyise babo.
11Ngako u tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi ya kuleta kubo okubi, aba nga yi kuba nakupuma kuko; ba ya kukala kimi, kepa a ngi yi kubezwa.
12Kona imizi ya kwaJuda, nabake eJerusalema ba ya kuya ba kale kotixo, aba ba tyisela impepo; kodwa a ba yi kubasindisa ngesikati sokuhlupeka kwabo.
13Ngokuba njengobuningi bemizi yako ba ngako notixo bako, Juda; na njengobuningi bezindhlela za seJerusalema, ni misele izitombe amalati, amalati okutyisela uBali impepo.
14Ngako u nga ba kulekeli lababantu, u nga ba kaleli, u nga ba nxuseli, ngokuba a ngi yi kubezwa msukwana be kalayo kimi ngokuhlupeka kwabo.
15Otandekayo wami u nomsebenzi muni endhlini yami ukwenza amanyala? ukunxusa nenyama engcwele i nga susa okubi kuwe na? kona u nga tokoza.
16uJehova wa qamba igama lako Umhlwati oluhlaza, obukekayo, u nezitelo ezihle; ngokuhlokomo kokuduma okukulu wa u tyisa, kwa puka amagatya awo.
17uJehova wamabandhla, owa ku tyalayo, u tyilo okubi ngawe, ngenxa yokubi kwaba kwaIsraeli nokwaba kwaJuda, aba zenzela okubi ngako, be ngi cunula, ba tyisela uBali impepo.
18uJehova wa ngi bonisa, nga bona; kona wa ngi tyengisa imisebenzi yabo.
19Kepa nga ngi njengemvu etambileyo, e yiswa ekuhlatyweni, be ngi nga qondi ukuti ba ngi cebele amacebo, be ti, A si qede umuti nezitelo zawo: a si m nqamule ezweni labapilayo, ukuba igama lake li nga be li sa kunjulwa.
20Kepa uJehova wamabandhla u yahlula ngokulunga; u ya linga izibilini nenhliziyo; ngi ya kubona ukupindisa kwako kubo, ngokuba ngi bekile icala lami kuwe.
21Ngako u tyo uJehova ngabantu ba seAnatoti aba funa ukukubulala, be ti, U nga profeti ngegama lika Jehova, funa u fe ngesandhla setu.
22Ngako u tyo uJehova wamabandhla, u ti, Bheka, ngi ya kubatyaya, izinsizwa zi ya kufa ngenkemba; amadodana abo namadodakazi abo a ya kufa ngendhlala.
23A ku yi kusala namunye kubo, ngokuba ngi ya kubehlisela abantu ba seAnatoti okubi ngomnyaka wokutyaywa kwabo.