1BAZALWANE bami, ukukolwa kwenu kuyo iNkosi yetu ebongekayo, uJesu Kristu, ku nga bi ukuketa abantu
2Uma ku ngena emhlanganweni wenu umuntu o nendandato yegolide, embete izingubo ezinhle, ku ngene no impofana embete izingubo ezimbi;
3Ni m bheke yena o mbete izingubo ezinhle, ni ti Hlala lapa ku lendawo enhle; ni buye ni ti ko impofana, Yima lapo; noma ni ti, Hlala lapa pansi kwesenabelo sezinyawo zami;
4A ni ketani ini, a ni ngabahlukanisayo aba nezinhliziyo ezimbi na?
5Lalelani, bazalwane bami abatandekayo; uTixo ka ba ketanga ini aba izimpofana ba lelizwe, be cebile ukukolwa, abadhlayo ifa lombuso, a u tembisa bona aba m tandayo?
6Kepa nina ni m delile o impofana. Abacebileyo ka ba ni hlupi na? a ba ni huduleli emacaleni na?
7A ba li tuki leligama elihle eni bizwa ngalo na?
8Uma ni gcine umteto omuhle ngokwemibalo, wokuti, U ya kutanda owakelene naye njengokuzitanda kwako, nenza kahle;
9Kodwa uma ni keta abantu, ni yona; ni lahliwe umteto njengezoni.
10Ngokuba o za kugcina umteto wonke, kepake eqe kwenye indawo, u necala lawo wonke.
11Ngokuba yena o wa tyo ukuti, U nga pingi, wa ti, U nga bulali. Uma u nga pingi, kepa u bulale, u ngumeqi womteto.
12Kulumani, nenze njengokufanele aba ya kwahlulelwa ngomteto wokukulula.
13Ngokuba o ngenzanga umusa u ya kuba nokulahlwa oku nge namusa; umusa u ya zincoma ngokulahlwa.
14Ku sizani, bazalwane bami, noma umuntu e ti, u ya kolwa, e nge namsebenzi? ukukolwa ku nga m sindisa na?
15Uma umzalwane, noma owesifazana, be hambaze, be nge nakudhla,
16Ku suke umuntu wa kini, a ti kubo Hambani kahle, ni fudumale, ni sute, kepa a ni ba pi lezozinto ezi fanele umzimba, ku sizani na?
17Ku njalo ukukolwa, uma ku nge namsebenzi, ku file, ku kodwa.
18Kepa omunye a nga ti, Wena u nokukolwa, ngi nemisebenzi mina: ngi bonise ukukolwa kwako i nge ko imisebenzi yako; ngi ya kukubonisa ukukolwa kwami ngemisebenzi yami.
19U ya kolwa u ti, uTixo munye; wenza kahle; amademone a ya kolwa, a tutumele.
20Kepa, wena muntu o ize; u ya tanda ukwazi ini, ukuti, ukukolwa oku nge namsebenzi ku file?
21uAbrahama ubaba wetu ka tetelelwanga ngemisebenzi, e se i nikele indodana yake uIsaka elatini na?
22U ya bona ukuti, ukukolwa kwake kwa sebenza kanye nemisebenzi yake; ukukolwa kwa peleliswa ngemisebenzi.
23Kwa qiniswa umbalo wokuti, uAbrahama wa kolwa uTixo, kwa tiwa ku ukulunga kwake; wa bizwa ngokuti, Umhlobo ka Tixo.
24Ni ya bona, umuntu u ya tetelelwa ngemisebenzi; ka tetelelwa ngokukolwa kodwa.
25Ku njalo noRahabi isifebe, ka tetelelwa ngemisebenzi ini, lapo wa zamkela izinhloli, wa zi mukisa ngenye indhlela?
26Njengomzimba o nge namoya u file, ku njalo ukukolwa oku nge namsebenzi ku file nako.