1BAZALWANE bami, ni nga bi abafundisi abaningi, nazi, si ya kwamkela ukulahlwa okukulu.
2Ngokuba si yona sonke ezintweni eziningi. Uma ku kona umuntu ongoniyo ekukulumeni kwake, lo u ngumuntu opeleleyo, u namandhla okugcina umzimba wonke.
3Bheka, si faka amatomu emilonyeni yamahashi, a si lalele, si wa pendule umzimba wonke.
4Bheka, nemikumbi, noma i ngaka, i qutywa nokuqutywa umoya o namandhla, i ya pendulwa ngepini elincane, njengokutanda kwenkosi yawo.
5Ku njalo ulimi lu isitwanyana, kepa lu ya zincoma kakulu. Bheka, umlilwana u ya vutisa izinkuni ezingaka!
6Ulimi lu umlilo, izwe lobubi. Lu njalo ulimi ezitweni zetu, lu ya ngcolisa umzimba wonke, lu ya vutisa ibanga lonke lokuhamba kwetu lu vutiswa lona igehena.
7Izinhlobo zezilwane zonke nezezinyoni, nezezilwanyana, nezezilwane ezi solwandhle, zi ya tanjiswa, yebo, zi tanjisiwe abantu.
8Kodwa ulimi a lu nakutanjiswa muntu; lu ububi obu nge nakwahlulwa, lu gcwele umuti obulalayo.
9Si ya m bonga uTixo uBaba ngalo; na ngalo si ya tuka abantu abenziweyo ngesimo sika Tixo.
10Ku vela emlonyeni munye ukubonga nokutuka, Bazalwane bami, a ku fanele ku be njalo.
11Ku ya puma emtonjeni munye amanzi amnandi nababayo na?
12Bazalwane bami, umkiwane u nga tela izinhlamvu zomhlwati na? Ivine li nga tela amakiwane na? Ku njalo amanzi ababayo a nge veze amnandi.
13Umupi kini ohlakanipileyo, o nokwazi na? A ka bonise ngokuhamba okulungileyo imisebenzi yake, e nobunene obuqondileyo.
14Kodwa uma ni nomona obabayo, nenkani ezinhliziyweni zenu, ni nga zincomi; ni nga qambeli iqiniso.
15Lokukuhlakanipa a kwehlanga ezulwini; ku ngokomhlaba, ku ngokwabantu, ku ngokwamademone.
16Ngokuba lapa ku kona umona nenkani, ku kona nombango nemisebenzi yonke emibi.
17Kodwa ukuhlakanipa oku vela ezulwini, ku cwengekile kuqala, kona ku vile, ku mnene, ku nesinwe, ku vama umusa nezitelo ezilungileyo, a ku nakuketa, a ku nakuzenzisa.
18Izitelo zokulunga zi tyalwa ekutuleni ibo aba kwenzayo ukutula.