1UJAKOBE, inceku ka Tixo neyeNkosi uJesu Kristu, u ya konza kwabasabaleleyo bezizwe ezi ishumi nambili.
2Bazalwane bami, a ni tyo ukuti, ku ukujabula okukulu nxa nehlelwe ukulingwa ngokulingwa;
3Nazi ukuti ukulingwa kokukolwa kwenu ku ya veza ukubekezela.
4Kepa ukubekezela a ku be nomsebenzi wako opeleleyo, ni ze ni pelele, ni fezeke, ni nga sweli luto.
5Uma e kona umuntu wa kini o swele ukuhlakanipa, ka cele kuTixo, o ba payo bonke kakulu, e nga soli; u se ya kukupiwa.
6Kodwa ka cele ngokukolwa e nga ngabazi; ngokuba o ngabazayo u njengeza lolwandhle, eli qutywa umoya, li ponswe.
7Ka nga tyo lomuntu ukuti, u za kuzuza uto eNkosini.
8Umuntu o nezinhliziyo ezimbili u ya guquguquka ekuhambeni kwake konke.
9Umzalwane o impofana ka jabule ekupakanyisweni kwake;
10Kepa o isicebi ka jabule ekutotyisweni kwake; ngokuba u ya kudhlula njengembali yotyani.
11Ilanga li ya puma, li balele, li bunise utyani, imbali yabo i vutuluke, ukuqama kokuma kwayo ku pele; ku njalo o isicebi u ya kubuna ezinhleleni zake.
12U busisiswe lomuntu o kutazelayo ekulingweni kwake; ngokuba e se qinisekile, u ya kwamkeliswa umqele wokupila aba u tenjiswayo iNkosi laba aba i tandayo.
13Nxa umuntu e yengwa, ka nga tyo ukuti, Ngi yengwa uTixo; ngokuba uTixo a nge yengwe ngokubi; a ka yengi umuntu;
14Kepa ilowo u ya yengwa, nxa e hudulwe izinkanuko zake, eduswe.
15Kona inkanuko, se i tatile, i beleta ukona; ukona, se ku pelele, ku zale ukufa.
16Ni ngeduki, bazalwane abatandekayo.
17Izipo zonke ezilungileyo nezipo zonke ezipeleleyo zi vela pezulu, zehla kuYise wokukanya, o nge nakuguquka, nasitunzana sokupenduka.
18Ngokutanda kwake wa si zala ngezwi leqiniso, si be abokuqala kwabadatyuliweyo bake,
19Ngako, bazalwane bami abatandekayo, bonke a ba tyetye ukuzwa, ba puze ukukuluma, ba puze nokutukutela:
20Ngokuba ulaka lwabantu a lu vezi ukulunga kuka Tixo.
21Ngako i lahleni insila yonke nokubi okuvamileyo, ni lamkele ngenhliziyo etobekileyo izwi elityaliweyo, eli namandhla okusindisa imipefumlo yenu.
22Kepa a ni be abenzayo izwi, ni nga bi abezwayo ngendhlebe nje, ni zi kohlisa.
23Ngokuba uma umuntu e li zwa izwi ngendhlebe nje, e ngenzi ngalo, u ya fana nomuntu ozibukayo ubuso bake esibukweni;
24U ya zibuka, esuke, a kohlwe masinya ukuba u ngumuntu onjani.
25Kodwa obukayo emtetweni opeleleyo wokukulula, a namatele kuwo, o ngezwa ngendhlebe nje, a kohlwe, kepa e sebenza umsebenzi, uyena o za ku busiswa emisebenzini yake.
26Uma ku kona okolwayo, o nga bambi ulimi lwake, kodwa a kohlise inhliziyo yake ukukolwa kwa lomuntu ku ize.
27Ukukolwa okucwebileyo, oku nge nacala pambi kuka Tixo uBaba, iloku, ukuba okolwayo a hambe izinkedama nabafelokazi ekuhlupekeni kwabo, a zigcine a nga bi nabala kokomhlaba.