1KWA ti ngezinsuku zika Ahazi indodana ka Jotamu, indodana ka Uzia, inkosi ya kwa Juda, uRezina inkosi ya seSiria, noPeka indodana ka Remalia, inkosi ya kwa Israeli, ba kupukela eJerusalema ukulwa nalo, kodwa ba hluleka ukulahlula.
2Kwa tyelwa indhlu ka Davida, kwa tiwa, iSiria li hlangene noEfraimi. Inhliziyo yayo ya zamazama, nenhliziyo yabantu bake, njengemiti yehlati i zanyazanyiswa umoya.
3Wa ti uJehova kuIsaya, Hambake manje, u yo kuhlangana noAhazi, wena noShearjashubi indodana yako, ekugcineni komsele wecibi eli senhla emgwaqweni omkulu wensimu yomhlanzi wezingubo
4U ti kuyena, Hlakanipa u tule, u nge sabi, nenhliziyo i ngesatyiswa ilemisila emibili ya lezizikuni ezitunqayo, ngolaka olusabekayo luka Rezina kanye noSiria, no lwendodana kaRemalia.
5Ngokuba iSiria, noEfraimi, nendodana ka Remalia, ba zizekele indaba embi ngawe, be ti,
6Ma si kupukele eJuda, si li tukutelise, si zenzele ibala kona, si mise inkosi ngapakati kwalo, indodana ka Tabeali.
7U tyo uJehova uTixo, a ku yi kuma; loko a ku yi kwenzeka futi.
8Ngokuba ikanda la seSiria li iDamaseku, nekanda la seDamaseku li uRezina; na ngapakati kweminyaka e ngamashumi a isitupa nesihlanu, iEfraimi li ya kwapulwa, li nga be li sa ba isizwe.
9Ikanda la seEfraimi li iSamaria, nekanda la seSamaria li indodana ka Remalia. Uma ka ni vumi ukukolwa iloku, impela a ni yi ku miswa.
10Futi uJehova wa kuluma kuAhazi, wa ti.
11Cela isibonakaliso, kuJehova uTixo wako, si cele noma enjulwini, noma ngapezulu.
12Kodwa uAhazi wa ti, a ngi yi kucela, a ngi yi ku m yenga uJehova futi.
13Wa ti Yizwani manje O ndhlu ka Davida; Ku into encane ukuba ni kataze abantu, kodwa ni ya kukataza uTixo wami futi na?
14Ngako uJehova yena u ya kukunika isibonakaliso; bheka, intombi i ya kumita, i zale indodana, i bize igama layo ngokuti uEmanueli.
15U ya kudhla ipehlwa nezinyosi, ukuba a ze a qonde ukwala okubi, a kete okulungileyo.
16Ngokuba umntwana e nga ka kwazi ukwala okubi, a kete okuhle, izwe eni li zondayo li ya kuhlubukwa amakosi omabili alo.
17uJehova u ya kuleta pezu kwenu, na ngapezu kwabantu benu, na ngapezu kwendhlu ka yihlo, izinsuku e zi nga ka fiki ku suke ngosuku lokupuma kuka Efraimi eJuda; inkosi ya seAsiria.
18Ko ti, ngalolosuku, uJehova u ya kuhlabela umkosi impukane e nga sekugcineni ya sEgipite: nenyosi esezweni la seAsiria.
19Zi ya ku fika, zi pumule zonke ezigodini ezi ihlane, nasemigodini yamatye, na pezu kwameva onke, na pezu kwezihlahla zonke.
20Ngalololusuku uJehova u ya kugunda ngensingo etyelekiweyo ibona aba ngapesheya komfula, na kuyo inkosi ya seAsiria, ikanda, noboya bezinyawo; nayo i ya kuqeda futi isilevu.
21Ko ti, nga lololusuku, indoda i ya kondhla inkomo entya, nezimvu ezimbili;
22Ko ti, ngobuningi bobisi ezi ya kumnika lona, u ya kudhla ipehlwa ngokuba bonke abashiyiweyo ezweni ba ya kudhla ipehlwa nezinyosi.
23Ko ti ngalololusuku, zonke izindawo lapo be ku kona amavini a inkulungwane, a lingene isiliva eli inkulungwane, zi ya kuba imizungulu nameva.
24Abantu ba ya kufika be pete izinkandi nemicibityolo, ngokuba izwe lonke li ya kuba imizungulu nameva.
25Na kuzo zonke izintaba ezi linywa ngegeja, a ku yi kuvela ukwesaba imizungulu nameva: kodwa zi ya kuba idhlelo lezinkabi, nendawo yokunyatela yezinkomana.