1FUTI uJehova wa ti kimi, Zitatele ipepa elikulu elisongiweyo, u lobe kulona ngo Maher-shalal-hash-bazi.
2Nga zitatela ofakazi abaqinileyo, uUria umpristi, noZekaria indodana ka Jeberekia,
3Nga ya kumprofeti wesifazana; wa mita, wa zala indodana, wa e se ti uJehova, kimina, biza igama lake ngokuti uMaher-shalal-hash-bazi.
4Ngokuba ingane i nga ka kwazi nokukala, Baba wami, no Mame wami ubucebi buka Damaseku, nempango ka Samaria yo suswa ngapambi kwenkosi ya seAsiria.
5uJehova wa kuluma futi kimina, wa ti,
6Ngokuba laba bantu ba ya wala amanzi eShiloa a hamba kancane, ba jabula ngoRezina nendodana ka Remalia.
7Manjeke, bheka, uJehova u ya ba fikela ngamanzi omfula, a namandhla amaningi, inkosi ya seAsiria, nobukosi bonke bake; u ya kugcwalisa yonke imisele yake, eqe nezindonga zonke zake;
8Naye u ya kudhlula eJuda; u ya kugcwala, eqe, u ya kufika nasentanyeni: nokweluleka kwamapiko ake ku ya kugcwalisa ububanzi bomhlaba wako O Imanueli.
9Zihlanganiseni, ni ya kuhletyulwa; ni nike indhlebe, nonke nina bezizwe ezi kude; zigqokiseni ni ya kwepulwa; zigqokiseni, ni ya kwepulwa; zigqokiseni, ni ya kwepulwa.
10Kulumani nodwa, ku ya ku ba ize; yityoni izwi, ka li yi kuma; ngokuba uTixo u nati.
11Ngokuba uJehova u kulumile loku kimina ngesandhla esi namandhla, wa ngi yaleza ukuba ngi nga hambi ngendhlela ya laba bantu, e ti.
12Musani ukuti, Inhlanganyelo, kubo, bonke aba ya kubizwa ngalaba bantu ngokuti, Inhlanganyelo: ni ngetuki ibona, nesabe.
13Konzani uJehova wamabandhla yedwa; yena ma ka be ukwesaba kwenu, a be ukwetuka kwenu.
14Yena u ya kuba indhlu e ingcwele, a be itye lokukubeka, netye lokutukutelisa kuzo zombili izindhlu za kwaIsraeli, a be isikubekiso kubantu baka Jerusalema.
15Nabaningi kubona ba ya kukubeka, ba we, ba puke, ba badjwe, ba tatwe.
16Songani isivumelwano ni namatelise umteto kubo abafundi bami.
17Ngi ya ku m sebenzela uJehova, o bu tukusayo ubuso bake kuyo indhlu ka Jakobe, ngi ya kumfuna.
18Bheka, mina nabantwana e ngi ba piwe uJehova ba izimangaliso nezibonakaliso zika Jehova namabandhla eIsraeli, o hlezi entabeni iZioni
19Na lapo ba ya kuti kinina, Funani ezinyangeni zokubula, na kubatakati abalunguzayo, nabanyenyezayo; a ku fanele ukuba abantu ba fune kuye uTixo wabo na?
20Kuwo umteto, na kuso isivumelwano; uma be nga kulumi njenga lelizwi ku ngokuba a ku ukukanya kubo.
21Ba ya kuwudhlula be xinekile be lambile: ko ti, lapo se be lambile, ba ya kuzisola, ba i tuke inkosi yabo noTixo wabo, ba bheke pezulu.
22Ba bheke na kuwo umhlaba; ba bone ukuhlupeka nobumnyama, ukuswelela nokukala; ba xotyelwe ebumnyameni.