1NGOMNYAKA wokufa kwenkosi Uzia, nga bona uJehova e hlezi esihlalweni sobukosi, e pezulu, e pakeme, nenjobo yake ya li gcwalisa itempeli.
2Ngapezu kwaso kwema amaserafi, ku ilelo li namapiko a isitupa, ngamabili wa zisibekela ubuso, na ngamabili wa zisibekela izinyawo, na ngamabili wandiza.
3Elinye la memeza kwelinye li ti, Ngcwele, ngcwele, ngcwele, uJehova wamabandhla; wonke umhlaba u gcwele ubukosi bake.
4Nezinsika zomnyango za zamazama ngezwi lake omemezayo, nendhlu ya gcwala umusi.
5Nga ti mina, wo kimina! ngokuba ngi file; ngokuba ngi ngumuntu o zindebe zake zi ngcolile, ngi hlezi pakati kwabantu aba zindebe zabo zi ngcolile; ngokuba amehlo ami a i bonile inkosi, uJehova wamabandhla.
6La se li ndizela kimi elinye iserafi, li pete ilahle elivutayo esandhleni salo, ela li li tate ngodhlawu ngapezu kwelati.
7La li beka ngapezu komlomo wami, la ti, Bheka, loku ku zi tintile izindebe zako; isono sako si susiwe nobubi bako bu hlanjululiwe.
8Nga buya ngezwa izwi lika Jehova, li ti. Ngi ya kutuma ubani na? si ya kuyelwa ubani na? Nga se ngi ti, Ngi lapa, tuma mina.
9Wa ti hamba, u tyele lababantu, ukuti, ni yezwa, kodwa a ni zwisisi; ni ya bona, kodwa a ni bonisisi.
10Yenza inhliziyo ya lababantu i kulupale, nezindhlebe zi be butuntu, u vale amehlo abo; fune ba bone ngamehlo, bezwa ngezindhlebe, ba qonde ngenhliziyo, ba kolwe, ba sinde.
11Nga ti mina, Jehova ko ze ku be nini na? Wa pendula wa ti, ko ze ku citeke imizi, i nga bi sa ba namuntu, nezindhlu zi nga be zi sa ba nabaninizo, nezwe li bi incitakalo yodwa.
12NoJehova u be susele kude kakulu abantu, ku be kona ubuze obukulu ngapakati kwezwe.
13Kodwa ngapakati kwalo ku ya kuba kona inxenye yeshumi, nayo i ya kubuya, i dhliwe, njengomuti weala nemala, okupila kwayo ku pakati kwayo, lapo i wisa amaqabunga ayo, njalo inzalo e ingcwele i ya kuba i lokokupila.