1MANJE ngi ya kuhlabelela isihlabelelo kotandiweyo wami ngesivini sake. Otandiweyo wami u nesivini kuyo intatyana evundileyo kakulu.
2Wa si biyela, wa buta amatye a kona, wa si tyala ngevini elitandekayo kakulu, waka inyango ngapakati kwaso, wenza isikamo ngapakati; wa bheka ukuba si tele izinhlamvu, sa tela izinhlamvu za sendhle.
3Na manje nina bantu ba seJerusalema, namadoda a kwa Juda ngi ya kuleka ukuba ni nqume pakati kwami nesivini sami.
4Ubani o nga e kwenzile okunye kuso isivini sami, okungenziwanga imina na? Ngako nga bheka ukuba si tele izitelo zaso, sa tela izitelo za sendhle.
5Hambanike, ngo ni tyela e ngi ya kukwenza kuso isivini sami; ngi ya kususa utango lwaso, si ya kudhliwa; ngo lwapula udonga lwaso, si nyatelwe;
6Ngi ya kusiveza obala; a si yi kutenwa, si vundiswe; ku ya kuvela izinwane nameva; ngi ya kuyaleza amafu futi ukuba a nga be sa si netisa.
7Ngokuba isivini sika Jehova wamabandhla si indhlu ka Israeli, nabantu baka Juda umuti wake otandekayo; wa bhekela ukulunga, wa bona izinhlupeko; wa bhekela ubulungiso wa bona ukukala.
8Wo! kubona abakelene ndawonye, naba masimu abo e hlangene, i ze i pele indawo, ukuze ba bekwe bodwa ngapakati komhlaba.
9Ezindhlebeni zami, wa tyo uJehova wamabandhla, ngeqiniso izindhlu eziningi zi ya kuba ngamanxiwa, ezinkulu neziningi, zi nga bi namuntu.
10Yebo amaeka a ishumi esivinini a ya kutela ibati linye, nezinhlamvu zehoma zi ya kutela iefa nje.
11Wo! kubona aba vuka ekuseni, ukuba ba landele ukupuza okunamandhla, ba nga pezi ku ze ku hlwe, ba ze ba tye iwaini.
12Ku kona inkoka, nemfijoli, netilongo, nevenge, newaini ku sekuhlanganeni kwabo; kodwa ka ba wu naki umsebenzi ka Jehova, ka ba ku qondi o kwezandhla zake.
13Ngako abantu bami ba ngene ebugqilini, ngokuba ka ba nako ukwazi; namadoda a qondileyo abo a bulewe indhlala nesixuku sabo si shwabene ukoma.
14Ngako isheoli li zandisile, la u vula umlomo walo ngokungalinganiswayo; ubukosi babo, nobuningi babo, nokuziqenya kwabo, naye o jabulayo, ba ya kweukela ku lona.
15Nomuntu omncane u ya kuwiswa pansi, nomuntu o namandhla u ya kutobiswa, namehlo ake a pakemeyo a ya kutobiswa;
16Kodwa uJehova wamabandhla u ya kupakanyiswa ekwabeni, noTixo o ingcwele u ya kuhlanjululwa ekulungeni.
17Lapoke amacwane a ya kuzidhlela ngeyawo intando, nezindawo ezicitekileyo zabacebileyo zi ya kudhliwa izihambi.
18Wo! kubona aba donsa isono kungati ngezintambo zobuze, nesono ngokwangati intambo yengqukumbane.
19Aba ti ma ka tyetye, a tyetyise umsebenzi wake, si ze si wu bone, nenkulumo yoingcwele ka Israeli i sondele, i ze, si ze si yazi.
20Wo! kubona aba biza ububi ngokuti okuhle, nokuhle ngokuti ububi; aba bekela ukukanya ubumnyama, nobumnyama ukukanya; aba bekela okumtoti okubabayo, nokubabayo okumtoti.
21Wo! kubona abahlakanipileyo emehlweni abo, nabaqondileyo ngokwabo ukubona.
22Wo! kubona aba puza kakulu iwaini, namadoda a namandhla ukuxubanisa upuzo olu namandhla.
23Aba tetelela ababi ngenxa yenzuzo, nabasusayo ukulunga ku yena olungileyo.
24Ngako njengomlilo u bulala iziqu, nelangabi li qeda umungu, njalo impande yabo i ya kuba ngokubolileyo, nembali yabo i ya kupepeteka njengotuli, ngokuba ba wu tyingile umteto ka Jehova wamabandhla, ba li delela izwi loiNgcwele ka Israeli.
25Ngako ulaka luka Jehova lu ba vukele abantu bake, naye u selulile isandhla sake pezu kwabo; wa ba tyaya, nezintatyana za tutumela, nezidumbu zabo za hxejulwa ezitaladini. Ngako konke loku ulaka lwake a lu pendukanga, kodwa isandhla sake si seluliwe namanje.
26U ya kupakamisela izizwe ezi kude indwangu, a ba hlabela umkosi ekugcineni komhlaba, bheka, ba ya kufika ngejubane masinyane.
27A kako o ya kukatala a kubeke kubona, a kako o ya kozela a lale; namabande ezinkalo zabo a ka i kuxekiswa, nentambo yezicatulo zabo a yi i kuqatyulwa:
28Aba zinti zabo zi bukali, nemicibityolo yonke yabo i gobile, izinyawo zamahashi abo zi yakuba njengensimbi, namasondo abo njengesivunguvungu.
29Ukubodhla kwabo ku ya kuba njengokwebubesi, ba ya kubodhla njengamatole amabubesi, yebo ba ya kubodhla, ba i bambe impango, ba i mukise kahle, i nga bi sa buyiswa umuntu.
30Na ngalolusuku ba ya kubadumela njengokuduma kolwandhle; noma omunye e lunguza umhlaba, u ya kubona ubumnyama nokuhlupeka, nokukanya se kumnyama ezulwini.