1NGA lesosikati uAbija indodana ka Jeroboamu wa e gula.
2uJeroboamu wa ti kumkake, A ke u suke, u zifihle, ukuze ku nga bonakali ukuba u ngumfazi ka Jeroboamu; hamba u ye eShilo; bheka, ku kona lapo uAhija umprofeti, yena owa tyo ngami ukuti, ngi za kuba inkosi ya laba bantu.
3U tate izinkwa ezi ishumi, u hambe nazo, kanye namacwecwana, nopiso lwezinyosi, u ye kuye; yena u za kukutyela loko oku ya kuvela kumtwana.
4Umka Jeroboamu wenza njalo, wa suka, wa ya eShilo weza endhlini ka Ahija. uAhija wa e nge nakubona; ngokuba amehlo ake a be noncwazi ngenxa yobudala bake.
5uJehova wa ti kuAhija, Bheka, nangu umfazi ka Jeroboamu e za ukubuza kuwe ngayo indodana yake; ngokuba i ya gula; wo m pendula ngokuti na ngokuti; ngokuba ku za kuti, ekungeneni kwake, u ya kuzenza njengomunye muntu.
6Kwa ku njalo, uAhija lapo e zwa izigqi zezinyawo zake, ekungeneni kwake, emnyango, wa ti, Ngena, wena mfazi ka Jeroboamu; u zenzelani njengomunye muntu na? ngokuba ngi tunyiwe kuwe ngi nezindaba ezisindayo.
7Hamba, u m tyele uJeroboamu, U ti uJehova uTixo ka Israeli, ngokuba ngi ku ketile ngi ku pakamisile pakati kwabantu, ngi kwenzile u be ikunzana la laba bantu bami abaIsraeli,
8Ngapuca indhlu ka Davida umbuso, nga wu nika wena; kepa a wenzanga njengayo inceku yami uDavida, owa gcina izimemezelo zami, wa ngi landela ngenhliziyo yonke yake, enze loko okufaneleyo emehlweni ami;
9Kodwa wenzile okubi okukulu ku nabo bonke aba ngapambili kwako; ngokuba wa zenzela izitixo ezinye, nemifanekiso ekandwayo, ukungivusa ngi tukutele, u ngi delile u ngi fulatele;
10Ngako bheka, ngi ya kuleta okubi kuyo indhlu ka Jeroboamu, ngi ya kususa kuJeroboamu yena o nobudoda, naye o valiwe oseleyo kwa Israeli, ngi ya kususa okuseleyo kwendhlu ka Jeroboamu, njengokuba umuntu e susa ubulongwe, bu ze bu pele.
11Yena wa kwa Jeroboamu ofayo emuzini, u za kudhliwa izinja; naye ofayo endhle u za kudhliwa izinyoni ezindizayo; ngokuba uJehova u tyilo.
12Suka ngako, u ye kwako; ekungeneni kwezinyawo zako emuzini, u ya kufa umtwana.
13Ba ya kumkalela bonke abaIsraeli, ba ya kummbela ngokuba u yena yedwa inzalo ka Jeroboamu o ya kungcwatywa, ngokuba ku funyanwa kuyena ukulunga emehlweni ka Jehova uTixo ka Israeli, endhlini ka Jeroboamu.
14Futi, uJehova u ya kumisa inkosi yabaIsraeli, i ya kunquma indhlu ka Jeroboamu nga lolusuku; kodwa yini na? Kona manje ke.
15Ngokuba uJehova u ya kunqoba abaIsraeli, njengohlanga lu zanyazanyiswa emanzini, u ya kusipula abaIsraeli ku lelizwe elihle, a li nikayo oyise babo, u ya kubahlakaza ngapambili komfula, ngokuba benzile uAshera ba vusa ulaka luka Jehova.
16U ya kushiya abaIsraeli ngenxa yezono zika Jeroboamu, owona, owenza abaIsraeli bone.
17Wa suka umka Jeroboamu, wa hamba, weza eTirza, e se fikile emgulugulwini emnyango, umtwana wa fa;
18Ba m mbela, bonke abaIsraeli, ba m kalela, njengalo izwi likaJehova, a li kulumayo ngaye uAhija umprofeti inceku yake.
19Imisebenzi eminye ka Jeroboamu, ukulwa kwake, nokubusa kwake, bheka, ku lotyiwe encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli.
20Imihla yokubusa kuka Jeroboamu ya yi iminyaka e ngamashumi amabili nambili; wa lala nokoko bake; uNadabi indodana yake wa busa esikundhleni sake.
21uReoboamu indodana ka Solomona wa busa kwa Juda. Ekuqaleni kwake ukubusa uReoboamu wa e neminyaka i ngamashumi amane nanye, wa busa iminyaka e ishumi nesikombisa eJerusalema, umuzi a wu ketileyo uJehova pakati kwezizwe zonke zabaIsraeli, ukuze a beke kona igama lake igama lika nina la li nguNama umAmoni.
22AbaJuda benza okubi emehlweni ka Jehova, ba m vusela umona ngezono zabo aba zenzileyo nga pezu kwako konke aba kwenzileyo okoko babo.
23Ngokuba ba zakela izindawo ezipakamileyo, nezitombe noAshera, ezintabeni zonke ezipakamileyo, nangapansi kwemiti yonke eluhlaza.
24Futi a be kona amaSodoma ku lelozwe; benza bona njengobubi bonke bezizwe uJehova a zi xotyileyo pambi kwabantwana baka Israeli.
25Kwa ti ngomnyaka wesihlanu wenkosi uReoboamu. uShishaka inkosi ya sEgipite wenyuka ukuhlasela eJerusalema;
26Wa susa imfuyo yendhlu ka Jehova, nemfuyo yendhlu yenkosi, wa susa konke nje; wa susa amahau egolide a be enziwe nguSolomona.
27Inkosi uReoboamu wenza amahau etusi ezikundhleni zawo, we wa nika ezandhleni zezinduna zabalindi, abalindayo umnyango wendhlu yenkosi.
28Kwa ti, ekungeneni kwenkosi endhlini ka Jehova, abalindi ba wa twala, ba wa buyisela egumbini labalindi.
29Imisebenzi eminye ka Reoboamu nako konke a kwenzayo, ka ku lotyiwe ini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
30Kwa ku kona ukulwa, ba lwa oReoboamu noJeroboamu imihla yonke yabo.
31uReoboamu wa lala nokoko bake, wa mbelwa ndawonye noyise emuzini ka Davida Igama lika nina la li nguNama umAmoni. uAbijamu indodana yake wa busa esikundhleni sake.