1NGOMNYAKA weshumi nesishiyangalombili wenkosi uJeroboamu indodana ka Nebati eAbijamu wa busa kwa Juda.
2Wa busa iminyaka emitatu eJerusalema. Igama lika nina la li nguMaka, indodakazi ka Abishalomu.
3Wa hamba ezonweni zonke zika yise, a zenzileyo kuqala inhliziyo yake ya yi nga lungile kuJehova uTixo wake, njengenhliziyo ka Davida uyise.
4Kodwa, uJehova uTixo wake wa m nika isibane eJerusalema, ngenxa ka Davida, ukumisa indodana yake ngasemva kwake, ukuqinisa iJerusalema.
5Ngokuba uDavida wenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova, izinsuku zonke zokuhamba kwake, ka pambukanga ngaluto a m yalelayo lona, kupela endabeni ka Uria umHiti.
6Kwa ku kona ukulwa ba lwa oReoboamu noJeroboamu imihla yonke yabo.
7Imisebenzi eminye ka Abijamu, nako konke akwenzayo, ka ku lotyiwe ini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda? Kwa ku kona ukulwa pakati kuka Abijamu noJeroboamu.
8uAbijamu wa lala nokoko bake, ba m mbela emuzini ka Davida, uAsa indodana yake wa busa esikundhleni sake.
9Ngomnyaka o ngamashumi amabili ka Jeroboamu inkosi yaba Israeli uAsa wa busa kwa Juda.
10Wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi amane nanye. Igama lika nina la li nguMaka, indodakazi ka Abishalomu.
11uAsa wenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova, njengoyise uDavida.
12Wa susa amaSodoma ezweni, wa susa nezitombe zonke eza be zenziwe oyise.
13Futi wa m kipa uMaka unina, ebukosikazini, ngokuba wa senza isitombe sika Ashera, uAsa wa bulala isitombe sake, wa si tyisa ecibini iKidroni.
14Kodwa izindawo ezipakamileyo za zi nga suswa; kepa inhliziyo ka Asa ya i lungile kuJehova imihla yonke yake.
15Wa ngenisa endhlini ka Jehova izinto ezingcwele zika yise, kanye nezinto ezingcwele zake, isiliva, negolide, nezitya.
16Kwa ku kona ukulwa pakati kuka Asa noBasha inkosi yaba Israeli imihla yonke yabo.
17uBasha inkosi yabaIsraeli wa kupuka ukuhlasela kwa Juda, waka iRama, ukuvimbela abantu ba nga pumi, ba nga ngeni enkosini yabaJuda uAsa.
18uAsa wa tata isiliva lonke kanye negolide ela be li sele emfuyweni yendhlu ka Jehova nemfuyo yendhlu yenkosi, wa ku nika ezandhleni zezinceku zake; Inkosi uAsa wa ku tumela ku Benhadade, indodana ka Tabrimona, indodana ka Heziona, inkosi ya seSiria, e hlezi eDamaseku, e ti,
19Si kona isivumelwano pakati kwami nawe, pakati kobaba noyihlo; bheka ngi ku tumele isipo, sesiliva negolide; woza u sapule isivumelwano sako noBasha inkosi yabaIsraeli, ukuze a muke kimi.
20Njalo uBenhadade wa lalela uAsa inkosi wa tuma izinduna zempi yake ukuhlasela emizini yabaIsraeli, wa nqoba iIjoni, neDani, neAbelebetemaka, neKinerota lonke, nezwe lonke labaNafetali.
21Kwa ti, uBasha e se zwile loko, wa peza ukwaka iRama, wa hlala eTirza.
22Ngasemva kwa lesisikati inkosi uAsa wa mema abaJuda bonke; kwa ku nge ko muntu okululekileyo; ba susa amatye a seRama, nemiti yalo, uBasha a be akile ngayo; inkosi yaka ngayo iGeba kwa Benjamini, neMizpa.
23Imisebenzi yonke eminye ka Asa, namandhla onke ake, nako konke a kwenzayo, nemizi a yakayo, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda? Kodwa ngesikati sobudala bake wa e naso isifo ezinyaweni zake.
24uAsa wa lala nokoko bake, wa mbelwa kanye nokoko bake emuzini ka Davida uyise; uJehoshafati indodana yake wa busa esikundhleni sake.
25uNadabi indodana ka Jeroboamu wa qala ukubusa kwa Israeli ngomnyaka wesibili ka Asa inkosi yabaJuda, wa busa kwa Israeli iminyaka emibili.
26Wenza okubi emehlweni ka Jehova, wa hamba endhleleni ka yise, na sesonweni sake ngaso wa bonisa abaIsraeli.
27uBasha indodana ka Abija, umuntu wendhlu ka Isakari, wenza icebo kuye uBasha, wa m nqoba eGibetoni, umuzi wabaFilisti; ngokuba uNadabi nabaIsraeli bonke ba haqa iGibetoni.
28Ngomnyaka wesitatu ka Asa inkosi yabaJuda uBasha wa m bulala, wa busa esikundhleni sake.
29Kwa ti, lapo e se busa, wa bulala indhlu yonke ka Jeroboamu, ka shiyanga kuJeroboamu namunye opefumlayo, wa za wa m bulala, njengokutyo kuka Jehova, a ku kulumayo ngenceku yake uAhija wa seShilo?
30Ngenxa yezono zika Jeroboamu a be ona ngazo, wenza abaIsraeli bone ngazo, na ngokuhlupa kwake ngako a be vusile ulaka luka Jehova uTixo ka Israeli.
31Imisebenzi eminye ka Nadabi, nokwenza konke kwake, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
32Kwa ku kona ukulwa pakati kuka Asa naye uBasha inkosi yabaIsraeli izinsuku zonke zabo.
33Ngomnyaka wesitatu ka Asa inkosi yabaJuda uBasha indodana ka Ahija wa qala ukubusa abaIsraeli bonke eTirza, iminyaka e ngamashumi amabili nane.
34Wenza okubi emehlweni ka Jehova, wa hamba endhleleni ka Jeroboamu, na sesonweni sake ngaso a be benzile abaIsraeli bone.