1KWA ti, kwa vela kwa Juda umuntu ka Tixo ngezwi lika Jehova, weza eBeteli; uJeroboamu wa e mi elatini e tyisa impepo kona.
2Wa memeza elatini ngezwi lika Jehova, wa ti, We lati, lati! u ti uJehova; Bheka, ku za ku zalwa kuyo indhlu ka Davida umtwana, uJosia igama lake; pezu kwako u za kunikela abapristi bezindawo ezipakamileyo abatyisayo impepo pezu kwako, namatambo abantu u za kuwatyisa pezu kwako.
3Wa ba nika isiboniso nga lobubusuku, wa ti, Nasi isiboniso ukuti, u kulumile uJehova; Bheka, ilati li ya kubidhlika, nomlota pezu kwalo u za kuciteka.
4Kwa ti inkosi uJeroboamu e se zwile ukutyo komuntu ka Tixo, a be kala ngako elatini la seBeteli, wa solula isandhla sake nga kulo ilati, wa ti, M bambeni. Isandhla sake a solulayo kuye, sa shwabana, wa e nge namandhla ukusibuyisela kuye.
5Nelati la bidhlika, nomlota welati wa citeka elatini, njengesiboniso esa nikwa ngumuntu ka Tixo ngezwi lika Jehova.
6Inkosi ya pendula kumuntu ka Tixo, ya ti, Ma u nxuse ebusweni buka Jehova uTixo wako, u ngi kulekele, ukuba isandhla sami si sinde. Umuntu ka Tixo wa nxusa uJehova, isandhla senkosi sa sinda, sa buya sa ba njengakuqala.
7Inkosi ya ti kumuntu ka Tixo, A ke u goduke nami, u pumule, ngi ya kukukokela.
8Wa ti umuntu ka Tixo enkosini, Nokuba u bu ngi nikile inxenye yendhlu yako, a ngi yi kungena nawe kona, futi a ngi yi kudhla ukudhla ngi puze namanzi ku lendawo;
9Ngokuba nga yalwa njalo ngezwi lika Jehova, ukuti, U nga dhli ukudhla, u nga puzi namanzi, u nga buyi nga lendhlela o ze ngayo.
10Njaloke wa ya ngenye indhlela, ka pindanga ngendhlela e be zile ngayo eBeteli.
11Kwa hlala eBeteli umprofeti omdala; amadodana ake eza a m tyela imisebenzi yonke eyenziwa umuntu ka Tixo ukuba nga lolusuku eBeteli, amazwi a be wa kulumile enkosini, wona nawo a wa lande kuyise.
12Uyise wa ti kubo, Wa ya nga yipi indhlela na? ngokuba amadodana ake a be bonile indhlela umuntu ka Tixo a hamba ngayo e vela kwa Juda.
13Wa ti kumadodana ake, Bopani imbongolo. Ba yi bopela imbongolo; wa yi kwela.
14Wa m landela umuntu ka Tixo, wa m fumana e hlezi ngapansi komkoba; wa ti kuye, Wena u nguye lomuntu ka Tixo owa vela kwa Juda na? Wa ti, ngi nguye mina.
15Wa ti kuye, Woza u goduke nami, u dhle ukudhla.
16Wa ti, A ngi nako ukubuya nawe, a ngi nako ukungena endhlini yako nawe; futi a ngi yi kudhla ukudhla ngi puze amanzi kanye nawe ku lendawo;
17Ngokuba kwa tyiwo kimi ngezwi lika Jehova, ukuti U nga dhli ukudhla, u nga puzi namanzi kona, u nga pindeli nga lendhlela o ze ngayo.
18Wa ti kuye, Mina ngi ngumprofeti njengawe; ingelosi ya kuluma nami ngalo izwi lika Jehova, ya ti, M buyise e ze endhlini yako, ukuze a dhle isinkwa a puze namanzi. Kodwa wa m qambela amanga.
19Ngako wa buya naye, wa dhla ukudhla endhlini yake wa puza amanzi kona.
20Kwa ti, be sa hlezi esitebeni, izwi lika Jehova leza ku lomprofeti o m buyisileyo;
21Wa memeza kumuntu ka Tixo owa vela kwa Juda, wa ti, U ti uJehova, ngokuba a u kwenzanga loko oku yaleziweyo ngomlomo ka Jehova, a u kwenzanga njengokutyo kwake uJehova uTixo wako a ku yala kona.
22Kodwa u buyile, u dhlile ukudhla, u puzile namanzi kulendawo, ngayo uJehova wa ti kuwe, U nga dhli ukudhla, u nga puzi namanzi kona; isidumbu sako ka si yi kubekwa etuneni lokoko bako.
23Kwa ti, e se dhlile ukudhla, e se puzile, ba m bopela imbongolo yake, ukuti, yena umprofeti a be m buyisile.
24E se hambile, ibubesi la hlangana naye endhleleni, la m bulala; isidumbu sake sa ntyingwa endhleleni, imbongolo yema ecaleni laso, futi nebubesi lema eduze nesidumbu.
25Kwa ti, abantu abadhlulayo kona, ba bona isidumbu si lahlwe endhleleni, ibubesi li mi eduze nesidumbu; beza ba landa lendaba emuzini lapo lomprofeti omdala e be hlezi kona.
26E se zwile loko, umprofeti o be m buyisile endhleleni wa ti, Ku ngumuntu ka Tixo, o nga lalelanga izwi lika Jehova; ngako uJehova u m nikeze kulo ibubesi, la m hlepula, la m bulala, njengalo izwi lika Jehova, a li tyoyo kuye.
27Wa kuluma emadodaneni ake, wa ti, Bopelani imbongolo, ba yi bopela.
28Wa ya wa fumana isidumbu sake si lahlwe endhleleni, imbongolo nebubesi li mi eduze nesidumbu; ibubesi la be li nga dhlanga isidumbu, la be li nga hlepulanga nembongolo.
29Umprofeti wa tata isidumbu somuntu ka Tixo, wa si beka pezu kwembongolo, wa si buyisa; umprofeti omdala weza emuzini, ukulila noku m mbela.
30Wa si beka isidumbu sake etuneni lake; ba m kalela, ba ti, Maye, mto wetu!
31Kwa ti, e se m mbele, wa kuluma emadodaneni ake, wa ti, Lapo se ngi file nami, ma ni ngi lahle kulelituna lapo umuntu ka Tixo e lahlwe kona; bekani amatambo ami ndawonye namatambo ake;
32Ngokuba loko a ku memezayo ngezwi lika Jehova kulo ilati eli seBeteli, na kuzo izindhlu zonke zezindawo ezipakamileyo ezi semizini ya seSamaria, ku za kuza impela.
33Ngasemva kwa loko uJeroboamu ka yi shiyanga indhlela yake embi, kodwa wa tata abafokazi babantu wa ba misa ba be abapristi bezindawo ezipakamileyo; lowo otandayo wa m misa, a be umpristi ezindaweni ezipakamileyo.
34Loko kwa ba isono kuyo indhlu ka Jeroboamu, ukuyicita, nokuyiqeda i pele ebusweni bomhlaba.