1NAMI, bazalwane, ekuzeni kwami kini, a ngi zanga ngi shumayela kini izindaba zika Tixo ngobuhle bokukuluma nobokuhlakanipa.
2Ngokuba nga tyo nga ti, a ngi yi kwazi luto kini, kupela uJesu Kristu, yena e betelwe.
3Nga be ngi kona kini ngi nobutakataka, nokwesaba nokututumela okukulu.
4Kwa ti ukukuluma kwami nokushumayela kwami a kwa ya ngamazwi ahlulayo ngokuhlakanipa kwabantu; kwa ya ngokubonakalisa kuka Moya nokwamandhla;
5Ukuze ukukolwa kwenu ku ngemi ngokuhlakanipa kwabantu, ku me ngamandhla ka Tixo.
6Kepa si ya kuluma ukuhlakanipa ku labo abapeleleyo; a ni tyo ukuhlakanipa kwa lelizwe nokwamakosi a lelizwe, a pelayo.
7Kodwa si ya kuluma ukuhlakanipa kuka Tixo ku semfihlakalweni, okwa ku fihliwe, uTixo a ku misela ubukosi betu, izwe li nga ka biko;
8Oku ngaziwanga amakosi a lelizwe, neyodwa; uma a e kwazi, nga e nga i betelanga iNkosi edumileyo.
9Kodwa njengokulotyiweyo ukuti, Iso a li ku bonanga, indhlebe a i ku zwanga, a ku ngenanga enhliziyweni yomuntu loko uTixo a ku lungiseleyo abamtandayo.
10Kodwa uTixo u ku bonakalisile kitina ngoMoya wake; ngokuba uMoya e penya konke, yebo, nokujuliweyo kuka Tixo.
11Umupi umuntu owazi okomuntu kupela umoya womuntu o kuye na? na njalo okuka Tixo a kwaziwa muntu, kupela uMoya ka Tixo.
12Kepa tina a samkeliswanga umoya wezwe, samkeliswa umoya o vela kuTixo, ukuze si kwazi esi ku piwe uTixo ngesihle.
13Esi nga ku shumayeli ngamazwi a qanjwa ukuhlakanipa kwabantu, kodwa ngamazwi a qanjwa uMoya o ingcwele, si casisela okomoya ngokomoya.
14Kepa umuntu owenyama ka kwamkeli okuka Moya ka Tixo, loku ku ize kuye; a nge ku qonde, ngokuba ku bonisiswa ngokomoya.
15Owomoya u bonisisa konke, kepa yena ka bonisiswa muntu.
16Ngokuba ubani o yaziyo inhliziyo yeNkosi, ukuba a i fundise na? Kepa tina si nenhliziyo ka Kristu.