1UPAULE, owa miswa umpostoli ka Jesu Kristu ngentando ka Tixo, noSostene umzalwane.
2Kulo ibandhla lika Tixo eli seKorinte, abangcwele kuKristu Jesu, aba biziwe ba be abangcwele, kanye nabo bonke aba kuleka egameni leNkosi yetu uJesu Kristu, eyabo neyetu, ezindaweni zonke;
3A ku be kini umusa nokutula, oku vela kuTixo, uBaba wetu, na seNkosini uJesu Kristu.
4Ngi ya m bonga uTixo ngesikati sonke ngenxa yenu, ngomusa ka Tixo, eni u piweyo ngoKristu Jesu;
5Ngokuba ni cebiswe uye ngako konke, ngokushumayela konke, na ngokwazi konke;
6Loku ukufakazela kuka Kristu kwa qiniswa inina;
7Njalo a ni silalelwe isipiwo nasinye, ni linde ukufika kweNkosi yetu uJesu Kristu.
8O ya kuniqinisa ku ze ku be sekupeleni, ni nga bi nakutweswa icala ngosuku lweNkosi yetu uJesu Kristu.
9uTixo u qinisile, ena bizelwa uye enhlanganyelweni yeNdodana yake, uJesu Kristu iNkosi yetu.
10Ngi ya ni nxusa, bazalwane, ngegama leNkosi yetu uJesu Kristu, ukuba ni kulume izwi li be linye nonke, ku nga bi ko inkani kini; ni pelele ni benhliziyonye, ni be nokuqonda kunye.
11Ngokuba ngi tyeliwe ngani, bazalwane bami, ngaba kwa Kloe, ukuti, ku kona inkani kini.
12Ngi tyo omunye wa kini u ti, Mina ngi ngoka Paule; a ti omunye, Mina ngi ngoka Apolo; a ti omunye, Mina ngi ngoka Kefasi; a ti omunye, Mina ngi ngoka Kristu.
13uKristu wahlukanisiwe na? uPaule na m betelelwa na? na bapatizelwa egameni lika Paule na?
14Ngi ya m bonga uTixo, ngokuba ngi nga bapatizanga umuntu wa kini, kupela oKrispo noGayo.
15Ukuba ku nga tyo umuntu ukuti, nga bapatizela egameni lami.
16Nga bapatiza nabendhlu ka Stefana; ngapandhle kwabo, a ngazi ukuba nga bapatiza umuntu.
17Ngokuba uKristu ka ngi tumanga ukuba ngi bapatize; wa ngi tuma ukuba ngi shumayele ivangeli; ngi nga shumayeli ngokuhlakanipa kwamazwi, funa isipambano sika Kristu si be ize.
18Ngokuba i ize kwababubayo indaba yesipambano; kepa kitina abasindisiweyo, i ngamandhla ka Tixo.
19Ku lotyiwe ukuti, Ngi ya kucita ukuhlakanipa kwabahlakanipileyo, ngi kwenzize ukuqonda kwabaqondileyo.
20U pi ohlakanipileyo? u pi umbali? u pi umpikisi wa lelizwe? uTixo ka kwenzize ukuhlakanipa kwa lelizwe na?
21Loku, ngokuhlakanipa kuka Tixo, izwe li nga m azanga uTixo ngokuhlakanipa, kwa ba kuhle kuTixo ukuba a sindise abakolwayo ngokushumayela oku ize;
22Ngokuba abaJuda ba biza isibonakaliso, amaGreki a funa ukuhlakanipa;
23Kepa tina si shumayela uKristu obetelweyo, o isikubekiso kubaJuda, o ize kumaGreki;
24Kodwa kwababiziweyo, nabaJuda namaGreki, uKristu o ngamandhla ka Tixo nokuhlakanipa kuka Tixo.
25Ngokuba oku ize kuka Tixo ku hlakanipile ku nabantu, nobutakataka buka Tixo bu namandhla ku nabantu.
26Bhekani ukubizwa kwenu bazalwane, ukuti, ka ba baningi abahlakanipileyo ngokwenyama, ka ba baningi abakulu, ka ba baningi abadumileyo;
27Kodwa uTixo u ketile oku ize kwezwe, ukuba a jabise abahlakanipileyo; uTixo u ketile ubutakataka bezwe, ukuba a jabise oku namandhla;
28Nokumpofana kwezwe, nokudelelweyo, uTixo u ku ketile, yebo, nokungeko, ukuba a kwenzize okukona;
29Ku ze ku nga bi ko inyama ezibongayo pambi kwake.
30Kepa nina ngaye ni kuKristu Jesu, owenzelwa tina nguTixo ukuhlakanipa, nokulunga, nobungcwele, nokukululwa;
31Ukuze ku ti, njengokulotyiweyo, Otokozayo, ka tokoze eNkosini.