1NAMI, bazalwane; be ngi nge nakukuluma kini njenga kwabomoya, kodwa njenga kwabenyama, na njenga kwaba izingane kuKristu.
2Ngi ni pile ubisi; a ngi ni panga ukudhla okulukuni; ngokuba be ni nga ka bi namandhla, yebo, namanje a ni ka be namandhla.
3Ngokuba ni se ngabenyama; loku ku kona kini umona nokuxabana, nenkani, a ni sibo abenyama, ni hamba ngokwabantu na?
4Nxa omunye e ti, Mina ngi ngoka Paule, a ti omunye, Mina ngi ngoka Apolo; a ni sibo abenyama na?
5Ubani uPaule? ubani uApolo? Ba izikonzi ena kolwa ngazo, kwa ba ilowo njengaloku iNkosi i m nikile.
6Mina nga tyala, uApolo wa netisa; kodwa uTixo wa milisa.
7Njalo otyalayo ka luto, nonetisayo ka luto; kodwa uTixo omilisayo.
8Otyalayo nonetisayo banye; ilowo u ya kwamkeliswa umvuzo wake ngemisebenzi yake.
9Ngokuba tina si izisebenzi zika Tixo; nina ni insimu ka Tixo, ni indhlu ka Tixo.
10Ngomusa ka Tixo engi u piweyo, njengenyanga yokwaka ehlakanipileyo, nga beka isisekelo, omunye waka pezu kwaso. Kepa a ku be ilowo a bheke ukuba ake kanjani pezu kwaso.
11Ngokuba esinye isisekelo si nge bekwe muntu, kupela leso esibekiweyo, esi uJesu Kristu.
12Uma umuntu aka pezu kwa lesisisekelo igolide, isiliva, amatye amahle, imiti, utyani, izibi;
13Imisebenzi yabantu bonke i za kuvezwa obala; usuku lu za kuityengisa, ngokuba i za kubonakaliswa ngomlilo; umlilo u za kulinga imisebenzi yabantu bonke, ukuba i njani.
14Uma umsebenzi womuntu, a wakileyo pezu kwaso, u mi, u ya kwamkeliswa umvuzo.
15Uma umsebenzi womuntu u tya, u ya kulahlekelwa; kodwa yena u ya kusindiswa uqobo lwake; kepa ku be njenga ngomlilo.
16A nazi ini ukuti, ni itempeli lika Tixo, nokuti uMoya ka Tixo, u hlezi kinina?
17Uma umuntu e cita itempeli lika Tixo, uTixo u ya kumcita yena; ngokuba itempeli lika Tixo li ingcwele, eni ilo.
18A nga zikohlisi muntu, Uma umuntu kinina e ti, u hlakanipile ku lelizwe; a ka be isiula, ukuze a hlakanipe.
19Ukuhlakanipa kwa lelizwe ku ize kuTixo. Ku lotyiwe ukuti, U ya bamba abahlakanipile ebuqilini babo.
20Nokuti, iNkosi i ya kwazi ukuzindhla kwabahlakanipileyo, ukuti, ku ize.
21Ngakoke umuntu a nga zibongi ngabantu; ngokuba konke ku ngokwenu;
22Noma uPaule, noma uApolo, noma uKefasi, noma izwe, noma ukupila, noma ukufa, noma okukona, noma okuzayo; konke ku ngokwenu;
23Nina ni ngabaka Kristu; uKristu u ngoka Tixo.