1NANGO uFebe, umzalwanekazi wetu, o izikonzi sebandhla la seKenkrea.
2Ni m amkele eNkosini ngokufanele abangcwele; ni m size ngako konke a ku funayo kini; ngokuba u ba sizile abaningi, nami uqobo.
3Ni ngi konzele koPrisila noAkwila, izisebenzi kanye nami kuKristu Jesu;
4Ngenxa yokupila kwami ba zi beka izintamo zabo; engi nga ba bongi mina ngedwa, kepa be bongwa amabandhla onke ezizwe.
5Ngi ngi konzele na sebandhleni eli sekaya labo. Ni ngi konzele kuEpenetu, isitandwa sami, o ngulibo lwa seAkaya kuKristu.
6Ni ngi konzele kuMaria, o be si sebenzela kakulu.
7Ni ngi konzele koAndroniko noJunia, izihlobo zami, izibotywa kanye nami, abadumileyo kubapostoli, ba be kuKristu ngapambili kwami.
8Ni ngi konzele kuAmplia, isitandwa sami eNkosini.
9Ni ngi konzele kuUrbane, isisebenzi kanye nati kuKristu, na kuStaku, isitandwa sami.
10Ni ngi konzele kuApele, o qinisekileyo kuKristu. Ni ngi konzele kwabaka Aristobulo.
11Ni ngi konzele kuHerodiana, isihlobo sami. Ni ngi konzele kwabaka Narkiso, aba seNkosini.
12Ni ngi konzele koTrufena noTrufosa, aba sebenza eNkosini. Ni ngi konzele kuPersi otandekayo, o wa sebenza kakulu eNkosini.
13Ni ngi konzele kuRufo, oketiweyo eNkosini; na kuye unina wake nowami.
14Ni ngi konzele koAsinkrita, noFlegone, noHerma, noPatroba, noHerme, nabazalwane aba nabo.
15Ni ngi konzele koFilologo, noJulia, uNero nodade wabo, noOlimpa, nabangcwele bonke aba nabo.
16No konzelana ngokwangana okungcwele, A ya konza kini amabandhla ka Kristu.
17Ngi ya ni yala, bazalwane, ukuba ni qapele abaxabanisayo, nabakubekisayo, be pambene nokufundiswa, eni ku fundileyo, ni dede kubo.
18Ngokuba abanjalo a ba i konzi iNkosi yetu uKristu, ba konza isisu sabo; ngokushumayela okuhle na ngokubonga, bedusa izinhliziyo za ba nge nacala laluto.
19Ukulalela kwenu ku zwakele kubantu bonke. Njalo ngi ya tokoza ngani. Kepa ngi tanda ukuba ni hlakanipe ngokuhle, ni nga bi nacala ngokubi.
20uTixo wokutula u ya kumcoboza uSatani pansi kwezinyawo zenu masinyane. Umusa weNkosi yetu uJesu Kristu a u be nani. Ameni.
21U ya konza kini uTimote, isisibenzi kanye nami, noLukio, noJasone, noSosipatere, izihlobo zami.
22Mina Tertio, engi lobile lencwadi, ngi ya konza kini eNkosini.
23U ya konza kini uGayo, o ngi ngenisayo, mina nebandhla lonke. U ya konza kini uErasto, induna yomuzi, noKwarto umzalwane.
24[Umusa weNkosi yetu uJesu Kristu, a u be nani nonke. Ameni.]
25Kuyena o namandhla okuniqinisa ngokwevangeli lami, nokushumayela kuka Jesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo, e bi fihliwe iloku kwa dabuka izwe,
26Kepa manje i bonakaliswe ngemibalo yabaprofeti ngokuyala kuka Tixo o pakade, ya menyezelwa ezizweni zonke, ku be ukulalela oku ngokukolwa.
27KuTixo owaziyo yedwa, a ku be udumiso ngoJesu Kristu, ku ze ku be pakade. Ameni.