Ukuzalwa kukaIsaka
1UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; uJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile.
2USara wakhulelwa, wamzalela uAbrahama indodana esemdala kuleyonkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye.
3UAbrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi uIsaka.
4UAbrahama wayisoka indodana yakhe uIsaka isinezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile.
5UAbrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa uIsaka indodana yakhe.
6USara wathi: UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.
7Wathi futhi: Ngubani obengasho kuAbrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.
OIshmayeli noHagari besehlane
8Umntwana wakhula, walunyulwa; uAbrahama wenza idili elikhulu mhla uIsaka elunyulwa.
9USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele uAbrahama idlalisa.
10Wathi kuAbrahama: Sixoshe lesisigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesisigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami uIsaka.
11Lelizwi lalilibi kakhulu emehlweni ka-Abrahama ngenxa yendodana yakhe.
12UNkulunkulu wathi kuAbrahama: Akungabi-lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngoIsaka.
13Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.
14UAbrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri-Sheba.
15Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla.
16Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: Ngingebone ukufa komntwana. Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.
17UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.
18Vuka uphakamise umfana, umbambe ngesandla sakho, ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.
19UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi; waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.
20UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba-ngophethe umnsalo.
21Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.
Isivumelwano sika-Abrahama noAbimeleki
22Kwathi ngalesosikhathi uAbimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma kuAbrahama, bathi: UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.
23Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.
24UAbrahama wathi: Ngizakufunga.
25Kepha uAbrahama wamsola uAbimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki.
26Kepha uAbimeleki wathi: Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube-namuhla.
27UAbrahama wayesethatha izimvu nezinkabi, wazipha uAbimeleki; labo bobabili benza isivumelwano.
28UAbrahama wabeka izivukazana eziyisikhombisa zomhlambi ngokwazo.
29UAbimeleki wathi kuAbrahama: Lezizivukazana eziyisikhombisa ozibeké zodwa ziyini na?
30Wathi: Lezizivukazana eziyisikhombisa uyakuzithatha esandleni sami, zibe-ngubufakazi bokuthi ngiwumbile lomthombo.
31Ngalokho waqamba leyondawo ngokuthi iBeri-Sheba*, ngokuba bafunga khona bobabili.
32Base benza isivumelwano eBeri-Sheba; uAbimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.
33UAbrahama watshala umtamariske* ngaseBeri-Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu ongunaphakade.
34UAbrahama wagogobala ezweni lamaFilisti izinsuku eziningi.